Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 45:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 “Uyakusho kanje kuye, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, lokho engikwakhileyo ngiyakukudiliza, nalokhu engikutshalileyo ngiyakukusiphula, yebo, ezweni lonke.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 “Uyakukhuluma kanje kuye, uthi: ‘Usho kanje uSimakade uthi: bheka, lokho engikwakhileyo ngiyakukubhidliza, nalokho engikutshalileyo ngiyakukusiphula, yebo, kulo lonke izwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngakho kumelwe uthi kuye: ‘Usho kanje uJehova; Bheka, engikwakhileyo ngiyakudiliza, nalokho engikutshalile ngiyakudiliza, yebo, lonke leli zwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 45:4
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

isikhathi sokubulala nesikhathi sokuphilisa, isikhathi sokudiliza nesikhathi sokwakha;


Bona, ngiyakubeka namuhla phezu kwezizwe naphezu kwemibuso ukusiphula nokudiliza, ukuchitha nokubhubhisa, ukwakha nokutshala.”


“UJehova Sebawoti owakutshala ukhulumile okubi phezu kwakho ngenxa yokubi kwendlu yakwa-Israyeli nokwendlu yakwaJuda abakwenzile ukuba bangicunule ngokushisela uBali impepho.”


Ubatshalile, futhi bagxilile; bayakhula, bathela izithelo; useduze nomlomo wabo, kepha ukude nezinhliziyo zabo.


Kuyakuthi njengalokhu ngibalindile ukuba ngibasiphule, ngibadilize, ngibabhidlize, ngibachithe, ngibahluphe, kanjalo ngiyakubalinda ukuba ngibakhe, ngibatshale,” usho uJehova.


Yachitha idokodo layo njengelensimu, yaqeda indawo yayo yokuhlangana. UJehova wenza ukuba kukhohlakale imikhosi emisiweyo namasabatha eSiyoni, wadelela ngokufutheka kolaka lwakhe inkosi nompristi.


“Ngalokho bhekani, ngiyakumyenga, ngimyise ehlane, ngimqunge isibindi.


Kuyakuthi njengalokho uJehova wayejabula ngani ukunenzela okuhle nokunandisa, kanjalo uJehova ajabule ngani ukwenza ukuba nibhubhe, niqothulwe, nisishulwe ezweni eningena kulo ukulidla.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ