Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 43:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 UJohanani indodana kaKhareya, nazo zonke izinduma zempi, nabantu bonke abalilalelanga izwi likaJehova lokuba bahlale ezweni lakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 UJohanani, indodana kaKhareya, abakhuzi bempi, nabantu bonke kabalilalelanga izwi likaSimakade lokuba bahlale ezweni lakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 UJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zamabutho nabo bonke abantu abazange balilalele izwi likaJehova ukuba bahlale ezweni lakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 43:4
10 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abantu bonke, abancane nabakhulu, nezinduna zempi basuka baya eGibithe, ngokuba besaba amaKaledi.


Kwathi esakhuluma naye, wathi kuye: “Sikubeke umluleki wenkosi na? Yeka, ubuyakubulawelani na?” Wayeseyeka umprofethi, wathi: “Ngiyazi ukuthi uNkulunkulu unqumile ukukubhubhisa, ngokuba wenzile lokho, ungalalelanga isiluleko sami.”


Themba kuJehova, wenze okulungileyo; hlala ezweni, uzondle ngokukholeka;


Ngase ngithi: “Ukuhlakanipha kuhle kunamandla,” kepha ukuhlakanipha kompofu kuyadelelwa, namazwi akhe awezwakali.


UJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazinaye base bethatha yonke insali yabantu ayeyibuyisile ku-Ishmayeli indodana kaNethaniya eMispa, yena esembulele uGedaliya indodana ka-Ahikamu, amadoda empi, nabesifazane, nabantwana, nabathenwa ayebabuyisile eGibeyoni.


Namuhla senginitshelile, kepha anililalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wenu nakokukodwa angithume ngakho kini.


Wayesembiza uJohanani indodana kaKhareya, nazo zonke izinduna zempi ezazinaye, nabo bonke abantu abancane nabakhulu, wathi kubo:


Kepha abalalelanga, ababekanga izindlebe zabo ukuba babuye ebubini babo, bangashiseli abanye onkulunkulu impepho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ