Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 42:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Noma lilihle, noma lilibi, siyakulilandela izwi likaJehova uNkulunkulu wethu esikuthuma kuye ukuba kube kuhle kithi, lapho sililalela izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Siyakulilalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wethu esikuthuma kuye, noma ngabe lihle noma libi, ukuze kusihambele kahle, siyakulilalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wethu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Noma lihle noma libi, siyakulilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wethu esikuthuma kuye; ukuze kube kuhle kithi, uma sililalela izwi likaJehova uNkulunkulu wethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 42:6
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho; uyakuba nenhlanhla nempumelelo.


Kepha bamthopha ngomlomo wabo, baqamba amanga kuye ngolimi lwabo;


Wathatha incwadi yesivumelwano, wayifunda ezindlebeni zabantu; bathi: “Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza, silalele.”


Yishoni kolungileyo ukuthi kuyakuba kuhle kuye, ngokuba bayakudla izithelo zezenzo zabo.


“Uyinkosi ngokuba ushisekela imisedari* na? Angithi uyihlo wadla, waphuza, wenza ukwahlulela nokulunga, kwaba kuhle kuye, na?


UJohanani indodana kaKhareya, nazo zonke izinduma zempi, nabantu bonke abalilalelanga izwi likaJehova lokuba bahlale ezweni lakwaJuda.


kepha ngabayala kuphela le nto yokuthi: Lalelani izwi lami, ngiyakuba nguNkulunkulu wenu, nina nibe ngabantu bami, nihambe ngezindlela zonke enganiyala ngazo ukuba kube kuhle kini.


Pho, okuhle kwaba ngukufa kimi na? Qha nakanye; kepha isono, ukuba sibonakale ukuthi siyisono, sangibangela ukufa ngakho okuhle, ukuze isono ngawo umyalo sibe ngesonayo kakhulu.


Ngakho siyakuthini na? Umthetho uyisono na? Qha nakanye; kepha bengingasazanga isono, uma bekungengomthetho; ngokuba ukufisa bengingakwazanga, uma umthetho ubungashongo ukuthi: “Ungafisi;”


Ngokuba ukunaka kwenyama kungubutha kuNkulunkulu; ngokuba akuwuthobeli umthetho kaNkulunkulu, yebo, futhi kungekwenze;


Sondela wena, uzwe konke uJehova uNkulunkulu wethu ayakukukhuluma, usitshele konke uJehova uNkulunkulu wethu ayakukukhuluma kuwe, sikuzwe, sikwenze.’


Sengathi kungaba khona kubo inhliziyo enjalo ukuba bangesabe, bagcine njalo yonke imiyalelo yami, kube kuhle kubo nakubantwana babo kuze kube phakade.


Niyakuhamba njalo endleleni uJehova uNkulunkulu wenu aniyale ngayo, ukuze niphile, kube kuhle kini, nandise izinsuku zenu ezweni eniyakulidla.


Abantu bathi kuJoshuwa: “UJehova uNkulunkulu wethu siyakumkhonza, sililalele izwi lakhe.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ