Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 42:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 Bathi kuJeremiya: “UJehova makabe ngufakazi oqinisileyo nothembekileyo ngathi, uma singenzi njengamazwi onke uJehova uNkulunkulu wakho ayakukuthuma nawo kithi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 Bathi kuJeremiya: “USimakade makabe ngufakazi oqinisileyo nowethembekileyo oyakumelana nathi uma singenzi konke lokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ayakukuthumela kithi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Base bethi kuJeremiya: “UJehova uyakuba ngufakazi oqinisileyo nothembekileyo phakathi kwethu, uma singenzi njengakho konke uJehova uNkulunkulu wakho ayakukuthuma khona kithina.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 42:5
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Uma uyakuhlupha amadodakazi ami, noma uthatha abafazi ngaphandle kwamadodakazi ami, akukho muntu onathi; bheka, uNkulunkulu ungufakazi phakathi kwami nawe.”


Bathi kuMose: “Khuluma wena kithi, sizwe; kepha uNkulunkulu makangakhulumi kithi, funa sife.”


“Ungaliphathi ngeze igama likaJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba uJehova akayikumyeka oliphatha ngeze igama lakhe.


Ngokuba nazidukisa, lapho nangithuma kuJehova uNkulunkulu wenu ukuthi: ‘Sinxusele kuJehova uNkulunkulu wethu, usitshele konke ayakukusho uJehova uNkulunkulu wethu, siyakukwenza.’


kwakhuluma u-Azariya indodana kaHoshaya, noJohanani indodana kaKhareya, nabantu bonke abaziqhenyayo, bathi kuJeremiya: “Ukhuluma amanga; uJehova uNkulunkulu wethu akakuthumanga ukuba uthi: ‘Aniyikuya eGibithe ukuba nigogobale khona,’


UJohanani indodana kaKhareya, nazo zonke izinduma zempi, nabantu bonke abalilalelanga izwi likaJehova lokuba bahlale ezweni lakwaJuda.


Noma bethi: ‘Kuphila kukaJehova,’ nokho bafunga amanga.”


Zwanini, bantu bonke, uqaphele, mhlaba nokugcwala kwakho, iNkosi uJehova ibe ngufakazi ngani, iNkosi isethempelini layo elingcwele.


Bese nithi-ke: ‘Ngani na?’ Ngokuba uJehova wayengufakazi phakathi kwakho nomfazi wobusha bakho omkhohlisile wena, noma engumngane wakho nomfazi wesivumelwano sakho.


“Ngiyakusondela kini ukwahlulela, ngibe ngufakazi osheshayo ngabalumbi, nangeziphingi, nangabafunga amanga, nangabacindezela abaqashwa ngenkokhelo yabo, nabafelokazi, nezintandane, nabachezukisa abafokazi, bengangesabi mina,” usho uJehova Sebawoti.


Ngokuba uNkulunkulu, engimkhonza emoyeni wami ngevangeli leNdodana yakhe, ungufakazi wami wokuthi ngokungaphezi ngiyanikhumbula


nakuJesu Kristu ufakazi othembekayo, izibulo labafileyo nombusi wamakhosi omhlaba. Kuye osithandayo nowasikhululayo ezonweni zethu ngegazi lakhe


“Nakuyo ingelosi yebandla laseLawodikeya loba ukuthi: “Nakhu akushoyo u-Amen, ufakazi othembekayo noqinisileyo, ukuqala kokudaliweyo kukaNkulunkulu, uthi:


Amalunga akwaGileyadi athi kuJefta: “UJehova makabe ngufakazi wethu; impela siyakwenza njengezwi lakho.”


Wayesethi kubo: “UJehova ungufakazi ngani, nogcotshiweyo wakhe ungufakazi namuhla ukuthi anifumananga lutho esandleni sami.” Bathi: “Ungufakazi.”


UJonathani wathi kuDavide: “Hamba kahle, lokhu sifungile sobabili igama likaJehova ngokuthi: ‘UJehova uyakuba phakathi kwami nawe naphakathi kwenzalo yami nenzalo yakho kuze kube phakade.’ ” Wavuka, wahamba; uJonathani wangena emzini.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ