Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 42:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 zathi kuJeremiya umprofethi: “Ukunxusa kwethu makwamukeleke ngaphambi kwakho, usikhulekele kuJehova uNkulunkulu wakho, unxusele yonke le nsali, ngokuba sisele singaba yingcosana kwabaningi, njengalokhu amehlo akho ekubona nje,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 bathi kuJeremiya, umphrofethi: “Ake sethule ukunxusa kwethu kuwe; sikhulekele kuSimakade uNkulunkulu wakho, unxusele yonke le nsali, ngokuba sesisele siyingcosana kwabaningi, njengalokhu nawe uzibonela ngawakho amehlo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Wathi kumprofethi uJeremiya: “Isicelo sethu makwamuke phambi kwakho, usikhulekele kuJehova uNkulunkulu wakho, nangenxa yonke le nsali; (ngokuba siyingcosana nje esisele kwabaningi, njengoba amehlo akho esibona;)

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 42:2
34 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Inkosi yayisithatha yathi kulowo muntu kaNkulunkulu: “Ake unxuse phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, ungikhulekele ukuba isandla sami siphiliswe.” Lowo muntu kaNkulunkulu wanxusa kuJehova, saphiliswa isandla sakhe, saba njengakuqala.


Ukuncenga kwami makuze ebusweni bakho; ngihlenge ngokwezwi lakho.


Wayesethi uFaro: “Ngizakunivumela ukuba nihambe nihlabele uJehova uNkulunkulu wenu ehlane, kepha ningayi kude kakhulu nokho; ngikhulekeleni.”


Ncengani kuJehova, ngokuba sekwanele lokhu kuduma okungaka nesichotho; ngizakunivumela ukuba nihambe, ningabe nisahlala.”


Lapho nelula izandla zenu, ngiyakufihla kini amehlo ami; yebo, lapho nenza imikhuleko eminingi, angiyikuzwa; izandla zenu zigcwele igazi.


Uma uJehova Sebawoti ebengasishiyelanga insali, besiyakuba njengeSodoma, sifane neGomora.


Mhlawumbe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzwa amazwi kaRabi Shake othunywe yinkosi yase-Asiriya, inkosi yakhe, ukweyisa uNkulunkulu ophilayo, asole amazwi uJehova uNkulunkulu wakho awezwileyo; ngalokho phakamisela insali esafunyanwayo umkhuleko wakho.”


Ubona izinto eziningi, kepha awuqapheli; izindlebe zakhe zivulekile, kepha akezwa.”


Wathi uJehova: “Ngiyakukukhulula kube kuhle; impela ngiyakwenza ukuba isitha sikunxuse ngesikhathi esibi nangesikhathi sokuhlupheka.


abathi emthini: ‘Ungubaba,’ nasetsheni: ‘Wena wangizala.’ Ngokuba bangifulathele, abangibheki; kepha ngesikhathi sokuhlupheka kwabo bayakusho ukuthi: ‘Vuka, usisindise.’


“Ake usibuzele kuJehova, ngokuba uNebukadinesari inkosi yaseBabele usihlasele; mhlawumbe uJehova angenza kithi njengazo zonke izimangaliso zakhe ukuba akhuphuke, asuke kithi.”


Mhlawumbe ukunxusa kwabo kuyakufika phambi kukaJehova, babuye, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, ngokuba inkulu intukuthelo nokufutheka akukhulumileyo uJehova ngalaba bantu.”


Ake uzwe manje, nkosi yami, nkosi; ukunxusa kwami makufike phambi kwakho ukuba ungangibuyiseli endlini kaJonathani umbhali, funa ngifele khona.”


USedekiya inkosi wathuma uJehukali, indodana kaShelemiya, noZefaniya, indodana kaMahaseya, umpristi, kumprofethi uJeremiya, wathi: “Ake usikhulekele kuJehova uNkulunkulu wethu.”


USedekiya inkosi wathumela wamthatha uJeremiya umprofethi, wamzisa kuye esikhaleni sesithathu esisendlini kaJehova; inkosi yathi kuJeremiya: “Ngithanda ukubuza into kuwe, ungangifihleli lutho.”


UJohanani indodana kaKhareya wakhuluma kuGedaliya eMispa ngasese, wathi: “Mangihambe ngimbulale u-Ishmayeli indodana kaNethaniya, kungaziwa muntu; ubeyakukubulalelani, ukuze bonke abaJuda ababuthene kuwe bahlakazake, insali yakwaJuda ichithwe, na?”


Ngokuba nazidukisa, lapho nangithuma kuJehova uNkulunkulu wenu ukuthi: ‘Sinxusele kuJehova uNkulunkulu wethu, usitshele konke ayakukusho uJehova uNkulunkulu wethu, siyakukwenza.’


Yeka ukuhlala kodwa komuzi owawunabantu abaningi! Usungumfelokazi owawunezizwe eziningi. Owawuyinkosikazi phakathi kwezifunda usungobuswayo.


Kepha ngiyakushiya kubo abantu abayingcosana besala enkembeni, nasendlaleni, nasesifweni, ukuba balande ngazo zonke izinengiso zabo phakathi kwezizwe lapho befika khona, bazi ukuthi nginguJehova.”


Noma beqasha phakathi kwabezizwe, manje sengiyakubabutha, bakhululwe kancane emthwalweni wenkosi yezikhulu.


Ngiyakuthuma phakathi kwenu izilo zasendle eziyakunaphuca abantwana benu, zibulale izinkomo zenu, zininciphise, izindlela zenu zibe yihlane.


Kwathi lapho sesidlile utshani bezwe, ngathi: “Nkosi Jehova, ake uthethelele; uJakobe uyakuma kanjani, ngokuba mncane.”


Uma lezo zinsuku zingafinyezwanga, bekungesindiswe muntu; kepha ngenxa yabakhethiweyo lezo zinsuku ziyakufinyezwa.


USimoni wayesephendula ethi: “Nginxuseleni nina eNkosini, ukuze kungehleli lutho kimi lwalokho enikushiloyo.”


Niyakushiywa nibe yingcosana, ingani naningangezinkanyezi zezulu ngobuningi, ngokuba awulilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu wakho.


Kuyakuthi njengalokho uJehova wayejabula ngani ukunenzela okuhle nokunandisa, kanjalo uJehova ajabule ngani ukwenza ukuba nibhubhe, niqothulwe, nisishulwe ezweni eningena kulo ukulidla.


UJehova uyakunihlakazela ezizweni, nisale niyingcosana phakathi kwabezizwe, lapho uJehova eyakuniholela khona.


Ngakho, vumani izono omunye komunye, nikhulekelane ukuba niphulukiswe. Umkhuleko oqinileyo wolungileyo unamandla kakhulu.


Bonke abantu bathi kuSamuweli: “Khulekela izinceku zakho kuJehova uNkulunkulu wakho ukuba singafi, ngokuba senezele kuzo zonke izono zethu ububi bokuzicelela inkosi.”


Futhi nami, makube kude nami ukuba ngone kuJehova ngokuyeka ukunikhulekela; kakhulu ngiyakunifundisa indlela enhle nelungileyo.


Abantwana bakwa-Israyeli bathi kuSamuweli: “Ungaphezi ukusikhalela kuJehova uNkulunkulu wethu ukuba asisindise esandleni samaFilisti.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ