Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 42:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalokhu intukuthelo yami nokufutheka kwami kuthululelwe phezu kwabakhileyo eJerusalema, kanjalo ukufutheka kwami kuyakuthululelwa phezu kwenu, nxa ningena eGibithe, nibe yisithuko, nesimangaliso nesiqalekiso, nehlazo, ningabe nisayibona le ndawo.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 Usho kanje uSimakade Wamabandla, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalokhu intukuthelo yami nolaka lwami kwathululelwa phezu kwababakhe eJerusalema, ngizothululela ulaka lwami kini uma niya eGibhithe. Niyokuba yisithuko nento esabekayo, isiqalekiso nehlazo, ngeke neze nisayibona le ndawo.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Njengalokho intukuthelo yami nokufutheka kwami kuthululiwe phezu kwabakhileyo eJerusalema; kanjalo ulaka lwami luyakuthululwa phezu kwenu, lapho ningena eGibithe; niyakuba yisihlamba, nesimangaliso, nesiqalekiso, nesihlamba; futhi ngeke usayibona le ndawo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 42:18
38 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho baze bangicunula ngayo yonke imisebenzi yezandla zabo; intukuthelo yami isithululelwe kule ndawo, ayiyikucinywa.’


Ngalokho amandla kaFaro ayakuba ngamahloni kini, ukuphephela kwenu emthunzini waseGibithe kube ngukudumala kini.


Niyakulishiya igama lenu libe yisiqalekiso kwabakhethiweyo bami, iNkosi uJehova inibulale, izibize izinceku zayo ngelinye igama,


benze izwe labo libe yisimangaliso nento encimfelwayo njalo; bonke abadlula khona bayakumangala, banikine ikhanda.


Kepha abayikubuyela ezweni abalangazelela ukubuyela kulo.”


nginehlisele ihlazo eliphakade namahloni emiyo njalo okungayikukhohlakala.”


Ngiyakubenza babe yingebhe nokubi emibusweni yonke yomhlaba, babe yihlazo nesaga, isifenqo nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo.


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni yasenyakatho,” usho uJehova, “noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngibehlisele phezu kwaleli zwe nabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe nxazonke, ngibaqalekise, ngibenze babe yisimangaliso nento encimfelwayo, nencithakalo ephakade.


ngiyakwenza le ndlu ibe njengeShilo, nalo muzi ngiyakuwenza ube yisiqalekiso ezizweni zonke zomhlaba.’ ”


Ngiyakubalandela ngenkemba, nangendlala, nangesifo, ngibenze babe yingebhe emibusweni yonke yomhlaba, babe yisiqalekiso, nesimangaliso, nento encimfelwayo, nehlazo ezizweni zonke engibaxoshele kuzo,


Kubona kuyakuthathwa isiqalekiso yibo bonke abathunjwa bakwaJuda abaseBabele ngokuthi: ‘UJehova makakwenze ukuba ube njengoSedekiya no-Ahabi abosiwa ngomlilo yinkosi yaseBabele,’


‘Bafika ukulwa namaKaledi, bazigcwalisa ngezidumbu zabantu engibabulele ngentukuthelo yami nangokufutheka kwami, nengifihlele lo muzi ubuso bami ngenxa yabo bonke ububi babo.


Ngiyakuthatha insali yakwaJuda ebhekise ubuso bayo ukuba ingene ezweni laseGibithe ukuba igogobale khona, baphele bonke, bawe ezweni laseGibithe, baphele ngenkemba nangendlala, abakhulu nabancane bafe ngenkemba nangendlala, babe yisithuko, nesimangaliso, nesiqalekiso, nehlazo.


UJehova wayengasenakuthwala okubi kwemisebenzi yenu nezinengiso zenu enizenzileyo; ngalokho izwe lakini seliyincithakalo, nesimangaliso, nesiqalekiso, kungekho owakhile kulo njenganamuhla.


Kwase kuthululwa ukufutheka kwami nentukuthelo yami, kwavutha emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, kwaba yincithakalo nokuchitheka njenganamuhla.


ngokungicunula ngemisebenzi yezandla zenu, nishisela abanye onkulunkulu impepho ezweni laseGibithe, lapho niyile khona ukugogobala, ukuba ninqunywe, nibe yisiqalekiso nehlazo phakathi kwezizwe zonke zomhlaba, na?


Ngalokho ngigcwele ukufutheka kukaJehova, ngikhathele ukunyamezela. “Kuthululele phezu kwabantwana ezitaladini, nasemihlanganweni yezinsizwa kanyekanye, ngokuba nendoda iyakuthathwa nomkayo, ogugileyo kanye nozinsuku zakhe zigcwele.


“ ‘Ngalokho isho njalo iNkosi uNkulunkulu, ithi: Bheka, intukuthelo yami nokufutheka kwami kuyakuthululwa kule ndawo phezu kwabantu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwemithi yasendle, naphezu kwezithelo zomhlaba, kuvuthe kungacimi.


Yansala umnsalo wayo njengesitha, yema njengomelene nathi ngesokunene sayo, yabulala konke okwakumnandi emehlweni ethu. Etendeni lendodakazi yaseSiyoni yathulula ukufutheka kwayo njengomlilo.


Yachitha idokodo layo njengelensimu, yaqeda indawo yayo yokuhlangana. UJehova wenza ukuba kukhohlakale imikhosi emisiweyo namasabatha eSiyoni, wadelela ngokufutheka kolaka lwakhe inkosi nompristi.


UJehova ufezile ukufutheka kwakhe, uthululile ukufutheka kwentukuthelo yakhe; uphembile umlilo eSiyoni oqedile izisekelo zalo.


Ngiyakunikhipha phakathi kwabantu, nginibuthe emazweni lapho nihlakazekele khona ngesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangokufutheka okuthululiweyo,


Njengokuncibilikiswa kwesiliva phakathi kwesithando, kanjalo niyakuncibilikiswa phakathi kwaso, nazi ukuthi mina Jehova ngithululile ukufutheka kwami phezu kwenu.’ ”


Wonke u-Israyeli weqile umthetho wakho, echezuka ukuze bangalilaleli izwi lakho; ngalokho isiqalekiso sithululwe phezu kwethu kanye nesifungo esilotshiwe emthethweni kaMose inceku kaNkulunkulu, ngokuba sonile kuye.


Uyakuqinisa isivumelwano nabaningi isonto libe linye, imihlatshelo neminikelo ikhawuke phakathi kwesonto, kufike incithakalo ngephiko lesinengiso, kuze kuphele okunqunyiweyo, kuthululelwe phezu komchithi.”


Bayabuyela, kepha hhayi kongaPhezulu, bafana nomnsalo ogejayo; izikhulu ziyakuwa ngenkemba ngenxa yolaka lolimi lwabo. Lokhu kuyakuba yinhlekiso yabo ezweni laseGibithe.


Ngubani ongema ebusweni bentukuthelo yakhe na? Ngubani ongema ekufuthekeni kolaka lwakhe na? Ukufutheka kwakhe kuthululiwe njengomlilo, namadwala ayaqhekezeka phambi kwakhe.


Kuyakuthi, njengalokho wawuyisiqalekiso phakathi kwabezizwe wena ndlu yakwaJuda nawe ndlu yakwa-Israyeli, kanjalo nginisindise, nibe yisibusiso; ningesabi, kepha maziqine izandla zenu.”


Nxa esemphuzisile amanzi, kuyakuthi uma engcolisiwe waphambuka endodeni yakhe, amanzi aveza isiqalekiso angene kuye, ababe, isisu sakhe sivuvukale, ithanga lakhe lishwabane, owesifazane aqalekiswe phakathi kwabantu bakubo.


naye uyakuliphuza iwayini lolaka lukaNkulunkulu elilungisiwe esitsheni solaka lwakhe, lingaxutshiwe, ahlushwe ngomlilo nesibabule phambi kwezingelosi ezingcwele naphambi kweWundlu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ