Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 41:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Umgodi u-Ishmayeli alahla kuwo zonke izidumbu zabantu ayebabulele wawungumgodi omkhulu owenziwa yinkosi u-Asa ngenxa kaBahasha inkosi ka-Israyeli; u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wawugcwalisa ngababuleweyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Umgodi lapho u-Ishmayeli alahla khona izidumbu zamadoda ayewabulele kwakuwumgodi omkhulu owawumbiwe yinkosi u-Asa, ukuze azivikele kuBhahasha, inkosi yakwa-Israyeli. U-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, wawugcwalisa ngezidumbu zababuleweyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Umgodi u-Ishmayeli alahla kuwo zonke izidumbu zamadoda awabulalayo ngenxa kaGedaliya yilowo inkosi u-Asa eyawenza ngenxa yokwesaba uBahasha inkosi yakwa-Israyeli; u-Ishmayeli indodana kaNethaniya waligcwalisa ngababuleweyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 41:9
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bheka, manje ucashile emgodini noma kwenye indawo; kuyakuthi lapho esebafikela ekuqaleni nje, okuzwayo athi: ‘Abantu abalandela u-Abisalomu banqotshiwe;’


Kepha wena ulahliwe ngaphandle kwethuna lakho njengegatsha elinengekayo, ligqokwe ngababuleweyo, abahlatshwe yinkemba, abehlela ematsheni omgodi njengesidumbu esinyathelweyo.


izwe elingabafanele bona, behamba emahlane, nasezintabeni, nasemihumeni, nasemigedeni yomhlaba.


Isandla sakwaMidiyani samahlula u-Israyeli; ngenxa yakwaMidiyani abantwana bakwa-Israyeli bazenzela imihume yasezintabeni, nemigede, nezinqaba.


Lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi basengcingweni, ngokuba bacindezelwa kakhulu, abantu bacasha emihumeni, nasemahlozini, nasemaweni, nasezinqabeni, nasemigodini.


Bobabili bazibonakalisa kulo ikhanda lamaFilisti; amaFilisti ayesethi: “Bhekani, amaHeberu aphuma emigodini acashe kuyo.”


Abantu bonke bakwa-Israyeli ababecashile ezintabeni zakwa-Efrayimi sebezwile ukuthi amaFilisti abaleka, nabo bawaxosha ekulweni.


Wafika ezibayeni zezimvu ngasendleleni, lapho kukhona umhume; uSawule wangena khona ukuba embese izinyawo zakhe. UDavide nabantu bakhe babehlezi emuva emhumeni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ