Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 41:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 ngenxa yamaKaledi, ngokuba babewesaba, lokhu u-Ishmayeli indodana kaNethaniya ebembulele uGedaliya indodana ka-Ahikamu, inkosi yaseBabele eyamenza umbusi ezweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 bebalekela amaKhaledi, ngokuba babewesaba, lokhu u-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, wayebulele uGedaliya, indodana ka-Ahikamu, owayebekwe yinkosi yaseBhabhele ukuba abe ngumbusi ezweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ngenxa yamaKaledi, ngokuba ayewesaba, u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wabulala uGedaliya indodana ka-Ahikamu, inkosi yaseBabele eyayimmisile ukuba abe ngumbusi ezweni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 41:18
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abantu abaseleyo ezweni lakwaJuda abashiyiwe nguNebukadinesari inkosi yaseBabele, phezu kwabo wenza uGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani abe ngumbusi.


Kepha kwathi ngenyanga yesikhombisa wafika u-Ishmayeli indodana kaNethaniya ka-Elishama wozalo lwenkosi, abantu abayishumi benaye, wamshaya uGedaliya waze wafa, kanye nabaJuda namaKaledi ayenaye eMispa.


“Washaywa luvalo ngobani, wamesaba, waze waqamba amanga, awangikhumbula, futhi ungakubekanga enhliziyweni yakho, na? Angithi njengokuba ngithulile kwasendulo, awungesabi, na?


Engakabuyi, yathi: “Buyela kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani, inkosi yaseBabele emenze abe ngumbusi phezu kwemizi yakwaJuda, uhlale naye phakathi kwabantu; noma lapho kulungile emehlweni akho ukuya khona, yiya lapho.” Induna yabalindi yayisimnika umphako nesipho, yamvumela ukuba ahambe.


Zase zisondela zonke izinduna zempi, noJohanani indodana kaKhareya, noJezaniya indodana kaHoshaya, nabantu bonke abancane nabakhulu,


Ningayesabi inkosi yaseBabele eniyesabayo; ningayesabi, usho uJehova, ngokuba nginani ukuba nginisindise, nginophule esandleni sayo.


inkemba eniyesabayo iyakunifica khona ezweni laseGibithe, indlala eninovalo ngayo inamathele kini lapho eGibithe, nifele khona.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ