Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 41:10 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 U-Ishmayeli wayesethumba bonke abantu abaseleyo eMispa, amadodakazi enkosi nabo bonke abantu ababesele eMispa, uNebuzaradani induna yabalindi ayebanikele kuGedaliya indodana ka-Ahikamu, yebo, u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wabathumba, wahamba ukuba adlulele kubantwana bakwa-Amoni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

10 U-Ishmayeli wathumba bonke abantu ababesele eMizpha, amadodakazi enkosi nabo bonke abantu ababesele khona, uNebuzaradani induna yabalindi ayebanikele kuGedaliya indodana ka-Ahikamu, u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wabathumba, wahamba ukuze adlulele kwabakwa-Amoni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

10 U-Ishmayeli wayesethumba yonke insali yabantu ababeseMispa, amadodakazi enkosi, nabo bonke abantu ababesele eMispa, uNebusaradani induna yabalindi wababeka kuGedaliya indodana ka-Ahikamu; no-Ishmayeli indodana. KaNethaniya wabathumba, wahamba ukuwelela kubantwana bakwa-Amoni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 41:10
13 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha lapho umHoroni, uSanibalati, noThobiya inceku yakwa-Amoni sebezwile lokho, kwaba kubi kakhulu kubo ukuthi kufike umuntu ukufuna inhlalakahle ka-Israyeli.


Kepha lapho uSanebalati, umHoroni, noThobiya inceku yakwa-Amoni, noGeshemi wase-Arabiya bezwa lokho, basihleka usulu, basidelela, bathi: “Yini lokhu enikwenzayo na? Niyakuyihlubuka inkosi na?”


Usho kanje uJehova, uthi: “Lobani lo muntu ukuthi akanamntwana, umuntu ongayikuba nampumelelo ezinsukwini zakhe, ngokuba umuntu ohlezi esihlalweni sobukhosi sikaDavide akayikuba nampumelelo yokuba abe esabusa kwaJuda.”


“Bayakukhiphela amaKaledi bonke abafazi bakho nabantwana bakho; awuyikuphunyuka esandleni sabo, kepha uyakubanjwa ngesandla senkosi yaseBabele, wenze ukuba lo muzi ushiswe ngomlilo.”


Inkosi yaseBabele yabulala amadodana kaSedekiya eRibila phambi kwamehlo akhe; futhi inkosi yaseBabele yabulala bonke abakhulu bakwaJuda.


bathi kuye: “Uyazi yini ukuthi uBahalisi inkosi yabantwana bakwa-Amoni uthume u-Ishmayeli indodana kaNethaniya ukuba akubulale na?” Kepha uGedaliya indodana ka-Ahikamu akabakholwanga.


Zonke izinduna zempi ezazisendle, zona nabantu bazo, sezizwile ukuthi inkosi yaseBabele imenzile uGedaliya indodana ka-Ahikamu umbusi ezweni nokuthi inikele kuye abesilisa, nabesifazane, nabantwana, nabayizimpofana bezwe abangathunjelwanga eBabele,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ