Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 40:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 UGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani wafunga kubo nakubantu babo, wathi: “Ningesabi ukukhonza amaKaledi: hlalani ezweni, niyikhonze inkosi yaseBabele, kuyakuba kuhle kini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 UGedaliya, indodana ka-Ahikamu kaShafani, wafunga kubo nakubantu babo, wathi: “Ningesabi ukuzinikela kumaKhaledi, hlalani ezweni, nikhonze enkosini yaseBhabhele, ukuze konke kunihambele kahle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 UGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani wafunga kubo nakubantu babo, wathi: “Ningesabi ukukhonza amaKaledi; hlalani ezweni nikhonze inkosi yaseBabele, kuyakuba kuhle kini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 40:9
9 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wabona indawo yakuphumula ukuthi inhle, nezwe ukuthi limnandi; wafolisa ihlombe ukuba athwale, waba yinceku yempoqo.


UGedaliya wafunga kubo nakubantu babo, wathi kubo: “Ningesabi izinceku zamaKaledi; hlalani ezweni, niyikhonze inkosi yaseBabele, kuyakuba kuhle kini.”


Ngokuba uyakudla umsebenzi wezandla zakho; uyakuba nenhlanhla nempumelelo.


Themba kuJehova, wenze okulungileyo; hlala ezweni, uzondle ngokukholeka;


Kepha isizwe esiyakuyibeka intamo yaso phansi kwejoka lenkosi yaseBabele, siyikhonze, leso ngiyakusiphumuza ezweni laso, usho uJehova, sililime, sihlale kulo.” ’ ”


Yeka ukuhlala kodwa komuzi owawunabantu abaningi! Usungumfelokazi owawunezizwe eziningi. Owawuyinkosikazi phakathi kwezifunda usungobuswayo.


Sithola ukudla kwethu ngokuzidela amathambo ngenxa yenkemba yasehlane.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ