Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 40:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 zaya kuGedaliya eMispa: u-Ishmayeli indodana kaNethaniya, noJohanani noJonathani amadodana kaKhareya, noSeraya indodana kaThanihumeti, namadodana ka-Efayi waseNethofa, noJahazaniya indodana yomMahakha, bona nabantu babo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 zaya kuGedaliya eMizpha: kwakungu-Ishmayeli indodana kaNethaniya, uJohanani noJonathani amadodana kaKhareya, uSeraya indodana kaThanihumethi, amadodana ka-Efayi waseNethofa, uJezaniya indodana kaMahakhi, bona nabantu babo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Base befika kuGedaliya eMispa, u-Ishmayeli indodana kaNethaniya, noJohanani, noJonathani, amadodana kaKhareya, noSeraya, indodana kaThanumethi, namadodana ka-Efayi umNethofa, noJeshaniya indodana A Maägatite, bona namadoda abo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 40:8
29 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abantwana bakwa-Amoni sebebone ukuthi banengekile kuDavide, abakwa-Amoni bathuma baqasha ama-Aramu aseBeti Rehobe nama-Aramu aseSoba, imigundatshani eyizinkulungwane ezingamashumi amabili, nenkosi yaseMahakha inabantu abayinkulungwane, nabantu baseThobi beyizinkulungwane eziyishumi nambili.


Abantwana bakwa-Amoni baphuma, bahlela impi ngasesikhaleni sesango; ama-Aramu aseSoba naseRehobe, nabantu baseThobi, nabaseMahakha babebodwa endle.


no-Elifeleti indodana ka-Ahashibayi indodana yomMahakha, no-Eliyamu indodana ka-Ahithofeli waseGilo,


Zonke izinduna zempi, zona nabantu bazo, sezizwile ukuthi inkosi yaseBabele imenzile uGedaliya umbusi ezweni, zaya kuGedaliya eMispa: u-Ishmayeli indodana kaNethaniya, noJohanani indodana kaKhareya, noSeraya indodana kaThanihumeti waseNethofa, noJahazaniya indodana yomMahakha, bona nabantu babo.


Kepha kwathi ngenyanga yesikhombisa wafika u-Ishmayeli indodana kaNethaniya ka-Elishama wozalo lwenkosi, abantu abayishumi benaye, wamshaya uGedaliya waze wafa, kanye nabaJuda namaKaledi ayenaye eMispa.


noMaharayi waseNethofa, noHeledi indodana kaBahana waseNethofa,


UMahakha, isancinza sikaKalebi, wazala oSheberi noThirihana.


Amadodana kaSalima: nguBetlehema, namaNethofa, no-Atharoti BetiJowabe, nenxenye yamaManahati, amaSori.


bafika noZerubabele, noJeshuwa, noNehemiya, noSeraya, noRehelaya, noMoridekayi, noBilishani, noMisipari, noBigivayi, noRehumi, noBahana. Umumo wamadoda abantu bakwa-Israyeli nanku:


amadoda aseNethofa; ngamashumi ayisihlanu nesithupha;


Amadoda aseBetlehema naseNethofa: yikhulu namashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalombili;


Izikhulu zamthukuthelela uJeremiya, zamshaya, zamfaka etilongweni endlini kaJonathani umbhali, ngokuba zaziyenze itilongo.


Ake uzwe manje, nkosi yami, nkosi; ukunxusa kwami makufike phambi kwakho ukuba ungangibuyiseli endlini kaJonathani umbhali, funa ngifele khona.”


uyakuthi kubo: ‘Nganxusa enkosini ukuba ingangibuyiseli endlini kaJonathani, funa ngifele khona.’ ”


Futhi lapho bonke abaJuda ababekwaMowabi, naphakathi kwabantwana bakwa-Amoni, nakwa-Edomi, nababesemazweni onke sebezwile ukuthi inkosi yaseBabele ishiyile insali kwaJuda nokuthi ibeke phezu kwabo uGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani ukuba abe ngumbusi phezu kwabo,


UJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazisendle beza kuGedaliya eMispa,


bathi kuye: “Uyazi yini ukuthi uBahalisi inkosi yabantwana bakwa-Amoni uthume u-Ishmayeli indodana kaNethaniya ukuba akubulale na?” Kepha uGedaliya indodana ka-Ahikamu akabakholwanga.


UJohanani indodana kaKhareya wakhuluma kuGedaliya eMispa ngasese, wathi: “Mangihambe ngimbulale u-Ishmayeli indodana kaNethaniya, kungaziwa muntu; ubeyakukubulalelani, ukuze bonke abaJuda ababuthene kuwe bahlakazake, insali yakwaJuda ichithwe, na?”


Wayesehamba uJeremiya, waya kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu, eMispa, wahlala naye phakathi kwabantu ababesele ezweni.


Kwathi ngenyanga yesikhombisa u-Ishmayeli indodana kaNethaniya ka-Elishama, wozalo lwenkosi nowezikhulu zenkosi, wafika namadoda ayishumi kuGedaliya indodana ka-Ahikamu eMispa, badla khona isinkwa kanyekanye eMispa.


Kepha lapho uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi ezazinaye sebezwile konke okubi u-Ishmayeli indodana kaNethaniya abekwenzile,


Wayesesuka u-Ishmayeli indodana kaNethaniya namadoda ayishumi ayenaye, bamshaya uGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani ngenkemba, bambulala, yena inkosi yaseBabele ebimenze umbusi ezweni.


Zase zisondela zonke izinduna zempi, noJohanani indodana kaKhareya, noJezaniya indodana kaHoshaya, nabantu bonke abancane nabakhulu,


Wayesembiza uJohanani indodana kaKhareya, nazo zonke izinduna zempi ezazinaye, nabo bonke abantu abancane nabakhulu, wathi kubo:


kwakhuluma u-Azariya indodana kaHoshaya, noJohanani indodana kaKhareya, nabantu bonke abaziqhenyayo, bathi kuJeremiya: “Ukhuluma amanga; uJehova uNkulunkulu wethu akakuthumanga ukuba uthi: ‘Aniyikuya eGibithe ukuba nigogobale khona,’


Kepha uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi bayithatha yonke insali yakwaJuda eyayibuye ezizweni zonke eyayixoshelwe kuzo ukuba igogobale ezweni lakwaJuda,


UJayire indodana kaManase wathatha sonke isifunda sase-Arigobi kuze kube semkhawulweni wamaGeshuri nowamaMahakhathi, wasibiza – lona iBashani – ngegama lakhe ngokuthi iHawoti Jayire kuze kube namuhla.


ebusa entabeni yaseHermoni, naseSaleka, nakulo lonke iBashani kuze kube semkhawulweni wamaGeshuri nowamaMahakhati, nenxenye yakwaGileyadi, umkhawulo kaSihoni inkosi yaseHeshiboni.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ