Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 40:11 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Futhi lapho bonke abaJuda ababekwaMowabi, naphakathi kwabantwana bakwa-Amoni, nakwa-Edomi, nababesemazweni onke sebezwile ukuthi inkosi yaseBabele ishiyile insali kwaJuda nokuthi ibeke phezu kwabo uGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani ukuba abe ngumbusi phezu kwabo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

11 Kwathi ukuba bonke abaJuda ababekwaMowabi, kwa-Amoni, kwa-Edomi, nakuwo wonke amanye amazwe, sebezwile ukuthi inkosi yaseBhabhele iyishiyile insali kwaJuda, nokuthi ibeke uGedaliya, indodana ka-Ahikamu kaShafani, ukuba abe ngumbusi wabo,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Ngokufanayo lapho wonke amaJuda ayekwaMowabi naphakathi kwabantwana bakwa-Amoni nakwa-Edomi nabasemazweni wonke ezwa ukuthi inkosi yaseBhabhiloni yayishiye ngemva insali yakwaJuda nokuthi ibeke indodana uGedaliya phezu kwayo. Ka-Ahikamu indodana kaShafani;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 40:11
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

U-Esawu wahlala entabeni yaseSeyiri; u-Esawu ungu-Edomi.


Kepha bayakundizela ehlombe lamaFilisti ngasentshonalanga, baphange kanyekanye abantu basempumalanga, belulele izandla zabo ngaku-Edomi noMowabi, abakwa-Amoni babalalele.


Abaxoshiweyo bakwaMowabi mabahlale kuwe; mawube yisivikelo kubo ebusweni bomchithi.” Lapho umcindezeli esephelile, nokuchitha sekuyekiwe, nabanyathelayo sebeqediwe ezweni,


Ngiyakubenza babe yingebhe nokubi emibusweni yonke yomhlaba, babe yihlazo nesaga, isifenqo nesiqalekiso ezindaweni zonke engiyakubaxoshela kuzo.


U-Ishmayeli wayesethumba bonke abantu abaseleyo eMispa, amadodakazi enkosi nabo bonke abantu ababesele eMispa, uNebuzaradani induna yabalindi ayebanikele kuGedaliya indodana ka-Ahikamu, yebo, u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wabathumba, wahamba ukuba adlulele kubantwana bakwa-Amoni.


Kepha uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi bayithatha yonke insali yakwaJuda eyayibuye ezizweni zonke eyayixoshelwe kuzo ukuba igogobale ezweni lakwaJuda,


abesilisa, nabesifazane, nabantwana, namadodakazi enkosi, nabo bonke abantu uNebuzaradani induna yabalindi ayebashiyile kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani, noJeremiya umprofethi, noBaruki indodana kaNeriya,


iGibithe, noJuda, no-Edomi, nabantwana bakwa-Amoni, noMowabi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo abakhe ehlane, ngokuba zonke izizwe azisokile, nendlu yonke yakwa-Israyeli ayisokile enhliziyweni.”


“Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: ‘Ngenxa yokuba u-Edomi ephathe indlu yakwaJuda ngokuphindisela, wacunula nokucunula, waziphindisela kubo,


“Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho kwabakwa-Amoni, uprofethe ngabo,


Ngokuba isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Ngokuba ushaye ihlombe, wadubhuza ngezinyawo, wathokozela izwe lakwa-Israyeli ngawo onke amafundululu akho emphefumulweni,


“Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: ‘Ngenxa yokuba oMowabi noSeyiri besho ukuthi: “Bheka, indlu yakwaJuda injengazo zonke izizwe,”


Izimvu zami zazulazula kuzo zonke izintaba nakuwo onke amagquma aphakemeyo, yebo, izimvu zami zazihlakazekele ebusweni bonke bomhlaba, akwabakho ozifunayo nozicingayo.


Njengokuthokoza kwakho ngefa lendlu yakwa-Israyeli, ngokuba ibiyincithakalo, kanjalo ngiyakwenza kuwe: uyakuba yincithakalo, ntaba yaseSeyiri, naye wonke u-Edomi, yebo, wonke wakhe, bazi ukuthi nginguJehova.’ ”


“ ‘Ngokuba unobutha obuphakade, futhi unikele abantwana bakwa-Israyeli osikweni lwenkemba ngesikhathi sesigemegeme sabo, ngesikhathi sokuphela kokubi,


Inxenye yesithathu yakho iyakufa ngesifo, baphele nangendlala phakathi kwakho; inxenye yesithathu iyakuwa ngenkemba nxazonke zakho, nenxenye yesithathu iyakuhlakazwa kuyo yonke imimoya, ngihoshe inkemba emva kwabo.


Uyakuthatha khona eziyingcosana, uzibophele emiphethweni yengubo yakho.


Abantwana bakwa-Israyeli bahamba, bamisa emathafeni akwaMowabi ngaphesheya kweJordani ngaseJeriko.


U-Israyeli wahlala eShithimi; abantu baqala ukuphinga namadodakazi akwaMowabi,


ngokuba babiza abantu ukuba beze emihlatshelweni yawonkulunkulu babo; abantu badla, bakhothamela onkulunkulu babo.


Kwenyuka uNahashi wakwa-Amoni, wamisa eJabeshi Gileyadi; bonke abantu baseJabeshi bathi kuNahashi: “Yenza isivumelwano nathi, siyakukukhonza.”


“Kepha lapho nabona uNahashi inkosi yabantwana bakwa-Amoni ephuma ukulwa nani, nathi kimi: ‘Hhayi, kepha masibuswe yinkosi,’ ingani uJehova uNkulunkulu wenu wayeyinkosi yenu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ