Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 4:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngalokho bhincani izindwangu zamasaka, nikhale, nihewule, ngokuba ulaka oluvuthayo lukaJehova alubuyanga kithi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 Ngalokho bhincani indwangu eyisaka, nikhale, nilile, ngokuba intukuthelo kaSimakade evuthayo ayikasuki kithi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Bese bhinca indwangu yamasaka, ukulila nokukhala, ngokuba ulaka lukaJehova alusukanga kithi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 4:8
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Waphonsa kubo ukuvutha kwentukuthelo yakhe, nolaka, nokufutheka, nokuhlupheka, ngokuthuma izithunywa zobubi.


Uma ningaguqi phakathi kwababoshiweyo, niyakuwa phakathi kwababuleweyo; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.


Klewulani, ngokuba usuku lukaJehova lusondele; njengencithakalo evela kuSomandla luyafika.


Ngalolo suku iNkosi uJehova Sebawoti yabizela ukukhala, nokulila, nobumpandla, nokubhinca indwangu yamasaka,


Qhaqhazelani nina besifazane abazinzileyo, nihlupheke nina enizethembayo; khumulani nizenze nqunu, nibhince indwangu yamasaka ezinkalweni zenu.


Ngalokho intukuthelo kaJehova iyavuthela isizwe sakhe; welulela isandla sakhe kuso, uyasishaya; izintaba ziyathuthumela, nezidumbu zabo ziyimfucumfucu phakathi ezitaladini; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.


i-Aramu ngaphambili namaFilisti ngasemuva, bamudle u-Israyeli ngomlomo okhamisiweyo; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.


Ngalokho iNkosi ayithokozi ngezinsizwa zabo, ayihawukeli izintandane nabafelokazi babo, ngokuba bonke bangabangenaNkulunkulu nabenza okubi, nayo yonke imilomo ikhuluma ubuwula; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.


uManase u-Efrayimi, no-Efrayimi uManase, bobabili basukele kanyekanye uJuda; kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi, isandla sakhe siseluliwe.


Hhewulani nina belusi, nikhale, nihuquzele emlotheni nina zikhulu zomhlambi, ngokuba seziphelele izinsuku zenu zokuba nihlatshwe, nginihlakaze, niwe njengesitsha esihle.


Ukufutheka okuvuthayo kukaJehova akuyikubuya, aze enze, aze afeze umgomo wenhliziyo yakhe; ezinsukwini zokugcina niyakukuqonda.


UMowabi ujabhile, uphelile amandla; hhewulani, nikhale, nikwazise e-Arinoni ukuthi uMowabi uchithiwe.


Ndodakazi yabantu bami, bhinca indwangu yamasaka, uhuquzele emlotheni, wenze isililo njengesendodana eyodwa, ukukhala okumunyu, ngokuba umphangi uyakusehlela masinyane.


“Akulutho kinina nonke enidlula ngendlela na? Bhekani, nibone ukuba kukhona yini ubuhlungu obunjengobuhlungu bami engehlelwe yibo, uJehova angihluphe ngabo ngosuku lokufutheka kwentukuthelo yakhe.


Khala, uhhewule, ndodana yomuntu, ngokuba iyakuba phezu kwabantu bami, ibe phezu kwazo zonke izikhulu zakwa-Israyeli, zinikelwe enkembeni kanye nabantu bami; ngalokho shaya ithanga lakho.


“Ndodana yomuntu, profetha uthi: ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: “ ‘Hhewulani, nithi: “Wo ngalolo suku!”


Bhincani, nikhale, bapristi, nihhewule, nina zikhonzi ze-altare; wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka, zikhonzi zikaNkulunkulu wami, ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa kugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.


Ngiyakuphendula imikhosi yenu ibe ngukukhala, nezihlabelelo zenu zonke zibe yizililo, ngibeke izindwangu zamasaka ezinkalweni zonke, nobumpandla kuwo onke amakhanda, ngikwenze kube njengokulilela indodana eyodwa, ukuphela kwakho kube njengosuku olumunyu.”


Ziphucule, zigunde ngenxa yabantwana bokwenama kwakho, wandise ubumpandla bakho njengenqe, ngokuba bayakuthunjwa kuwe.


UJehova wathi kuMose: “Thabatha zonke izinhloko zabantu, uziphanyekele uJehova elangeni, ukuze intukuthelo evuthayo kaJehova ibuye ku-Israyeli.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ