Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 4:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Misani ibhanela* elibheka ngaseSiyoni, nibaleke ningemi, ngokuba ngiyakuletha okubi kuvele ngasenyakatho nokubhujiswa okukhulu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Misani ibhanela libheke eZiyoni, nibaleke niyocasha, ningemi, ngokuba ngiyakwehlisa inhlekelele ivela enyakatho, nokubhujiswa okukhulu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Phakamisani isimiso eSiyoni; buyela emuva, ungahlali, ngokuba ngiyakuletha ububi obuvela enyakatho nencithakalo enkulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 4:6
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Phumani, niphume ngamasango, niyilungise indlela yabantu; hlelani, niwuhlele umendo, niwakhiphe amatshe; niphakamisele izizwe ibhanela.*


Bheka, kusondela izwi lombiko, nokuzamazama okukhulu okuvela ezweni lasenyakatho, ukuba kwenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo, indawo yokuhlala kwamakhanka.


“Manje yisho kubantu bakwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, nginibumbela okubi, ngiceba icebo ngani; buyani, kube yilowo nalowo endleleni yakhe embi, nizenze izindlela zenu nezenzo zenu zibe zinhle.’


Ngasemuva, usho uJehova, ngiyakunikela uSedekiya inkosi yakwaJuda, nezinceku zakhe, nabantu abasele kulo muzi esifweni, nasenkembeni, nasendlaleni, nasesandleni sikaNebukadinesari inkosi yaseBabele, nasesandleni sezitha zabo, nasesandleni sabafuna ukuphila kwabo, abashaye ngosiko lwenkemba, angabasindisi, angabahawukeli, angabi namusa kubo.’


Ngiyakukulungisela abachithi, yilowo nalowo abe nezikhali zakhe, bagawule imisedari* yakho ekhethekileyo, bayiphonse emlilweni.


bheka, ngiyakuthumela, ngilande yonke imindeni yasenyakatho,” usho uJehova, “noNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngibehlisele phezu kwaleli zwe nabakhileyo kulo, naphezu kwazo zonke lezi zizwe nxazonke, ngibaqalekise, ngibenze babe yisimangaliso nento encimfelwayo, nencithakalo ephakade.


Koze kube nini ngibona ibhandela,* ngizwe izwi lecilongo, na?


“Memezani phakathi kwezizwe, nikuzwakalise, nimise ibhanela,* nikuzwakalise, ningakufihli, nithi: ‘IBabele linqotshiwe, uBeli ujabhile, uMerodaki uphelile amandla; izithombe zalo zijabhile, imifanekiso yalo iphelile amandla.’


Kukhona umsindo wokulwa ezweni nowencithakalo enkulu.


Misani ibhanela* ngasezingangeni zaseBabele, niqinise umlindo, nimise abalindi, nihlele abaqamekeli, ngokuba uJehova ukuhlosile, futhi wakwenza lokho owakukhuluma kwabakhileyo eBabele.


“Misani ibhanela* ezweni, nibethe amacilongo phakathi kwezizwe, ningcwelise izizwe ukuba zilwe nalo, nilibizele imibuso yase-Ararati, naseMini, nase-Ashikenaze, nibeke phezu kwalo umphathi wempi, nikhuphuke namahhashi anjengezinkumbi ezimahaye.


“Ngumsindo wokukhala ovela eBabele, nowencithakalo enkulu ophuma ezweni lamaKaledi,


“Thuthani impahla eJerusalema nina bantwana bakwaBenjamini, nibethe amacilongo eThekhowa, niphakamise insika yomusi eBeti Hakeremi, ngokuba ububi bulunguza ngasenyakatho nokuchitha okukhulu.


Usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, kuvela abantu ezweni elisenyakatho; isizwe esikhulu siyakuvuswa ekugcineni komhlaba.


Wayesememeza ezindlebeni zami ngezwi elikhulu, ethi: “Mazisondele izijeziso zomuzi, kube yilowo nalowo abe nezikhali zokubulala esandleni sakhe.”


Bheka, kwafika amadoda ayisithupha evela endleleni yasesangweni lasenhla, elingasenyakatho, yileyo naleyo inesikhali sokubulala esandleni sayo, enye phakathi kwawo yembethe ilineni, inophondo lukayinki* womlobi ngasokhalweni lwayo. Angena, ema ngaseceleni le-altare lethusi.


“Ngalolo suku,” usho uJehova, “kuyakuba khona izwi lokukhala, livela eSangweni Lezinhlanzi, nokuhhewula, kuvela eNxenyeni Yesibili, nokufahlazeka okukhulu, kuvela emagqumeni.


Enamahhashi amnyama iphumela ezweni lasenyakatho; amhlophe ayawalandela; anala aphumela ezweni laseningizimu.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ