Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 4:31 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Ngizwile izwi njengokungathi elonemihelo, usizi lozibulayo, izwi lendodakazi yaseSiyoni eheheza, ezelula izandla zayo, ithi: “Maye kimina! Ngokuba umphefumulo wami uphele amandla ngababulali.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

31 Ngizwile izwi kungathi ngelowesifazene ohelelwayo, usizi lozibulayo, izwi lendodakazi uZiyoni ihefuzela, yelula izandla zayo, ithi: “Maye, kimi! Ngokuba umphefumulo wami udangele, phambi kwababulali bami.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Ngoba ngizwile ilizwi elinjengelowesifazana obelethayo, lobuhlungu obunjengokuzala kwakhe izibulo, ilizwi lendodakazi yeZiyoni, ikhala, yelula izandla zayo, ithi: Maye mina khathesi! ngoba umphefumulo wami ukhathele ngababulali.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 4:31
35 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

URebeka wayesethi ku-Isaka: “Ngidiniwe ukuphila ngenxa yamadodakazi kaHeti; uma uJakobe ethatha umfazi kuwo amadodakazi kaHeti onjengalawa, kuwo amadodakazi aleli zwe, kuyakungisiza ngani ukuphila na?”


“Umphefumulo wami ukhathele ukuhamba kwami; ngiyazinikela ekukhaleni, ngikhulume ngomunyu womphefumulo wami.


Maye kimi! Ngokuba ngigogobele kwaMesheke, ngihlezi ematendeni akwaKedari.


Lapho nelula izandla zenu, ngiyakufihla kini amehlo ami; yebo, lapho nenza imikhuleko eminingi, angiyikuzwa; izandla zenu zigcwele igazi.


Bayashaqeka, babanjwa yiminjunju nobuhlungu, bazibinya njengababelethayo. Babhekana omunye nomunye bemangala. Ubuso babo bungubuso bamalangabi.


Ngalokho ukhalo lwami lugcwele imihelo; inkwantshu ingibambile njengenkwantshu yobelethayo; ngikhonkobele ukuba ngingezwa, ngiphele amandla ukuba ngingaboni.


Njengokhulelweyo osondela ukuba abelethe ezwiswa ubuhlungu, saba njalo phambi kobuso bakho, Jehova.


“Sekuyisikhathi eside ngithulile, ngathula ngazibamba; sengiyakukhala njengobelethayo, ngiphefuzele, ngibitoze kanyekanye.


Ngase ngithi: “Maye kimi! Ngokuba ngiphelile, lokhu ngingumuntu ozindebe zakhe zingcolile, futhi ngihlezi phakathi kwabantu abazindebe zabo zingcolile, ngokuba amehlo ami abonile iNkosi uJehova Sebawoti.”


Maye kimina ngenxa yokulimala kwami! Ukushaywa kwami kunzima. Kepha ngithi mina: “Nempela lokhu kulusizi lwami, ngiyakuluthwala.”


Uyakuthini lapho emisa phezu kwakho labo okade ubafundisile ukuba babe ngabangane bakho, babe yinhloko, na? Awuyikubanjwa lusizi njengowesifazane obelethayo na?


Uma ngiphumela endle, bheka, nampo ababuleweyo ngenkemba, nalapho ngingena emzini, bheka, nampo abaphethwe yindlala, ngokuba umprofethi nompristi bahamba izwe bengazi lutho.’ ”


Yini ukuba ubuhlungu bami bube khona njalonjalo, nesilonda sami singapholiswa, sala ukuphulukiswa, na? Impela uyakuba ngamanzi aphuthayo kimi, amanzi angathembekile, na?


Ngalokho nikela abantwana babo endlaleni, ubakhaphele osikweni lwenkemba, abafazi babo baphucwe abantwana, babe ngabafelokazi, amadoda abo abulawe ngukufa, izinsizwa zabo zishaywe ngenkemba empini.


Wena ohlala eLebanoni, owakha isidleke sakho kuyo imisedari,* uyakuhawukelwa kangakanani ngokufikelwa kwakho yimihelo, imihelo enjengeyobelethayo!


Ake nibuze, nibone, uma owesilisa wake wabeletha na? Ngibonelani onke amadoda enezandla zawo ezinkalweni njengobelethayo, ubuso bonke buphaphathekile, na?


“Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli kuwe Baruki:


Imizi inqotshiwe, nezinqaba zithathiwe; izinhliziyo zamaqhawe akwaMowabi ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane onemihelo.


Bheka, onjengokhozi uyakhuphuka, andize, elulele amaphiko akhe kulo iBosira; izinhliziyo zamaqhawe akwa-Edomi ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane onemihelo.


IDamaseku selibuthakathaka, liyaphenduka ukuba libaleke; ingebhe ilibambile, ukudabuka nosizi kulibambile njengowesifazane obelethayo.


Inkosi yaseBabele izwile udumo lwabo, izandla zayo zaba buthakathaka; usizi luyibambile, nemihelo njengeyobelethayo.


Indodakazi yaseSiyoni etotosiweyo nethambileyo ngiyakuyinquma.


ISiyoni liyelula izandla zalo, akakho oliduduzayo. UJehova uyalile ngoJakobe ukuba abamzungezayo babe yizitha zakhe. IJerusalema linjengesinengiso phakathi kwabo.


“Bheka, Jehova, ngokuba nginosizi; izibilini zami ziyaxhaphazela. Inhliziyo yami iphendukile phakathi kwami, ngokuba ngihlubukile nokuhlubuka. Endle yinkemba eyaphucayo, ekhaya ngukufa.


“Balele phansi ezitaladini, abasha nabadala. Izintombi zami nezinsizwa zami ziwile ngenkemba. Wababulala ngosuku lwentukuthelo yakho, wabulala ungahawukelanga.


Imihelo yobelethayo iyakumehlela; uyindodana engahlakaniphile, ngokuba kuyisikhathi sokuba angemi lapho kuqhamuka abantwana.


Yiba nemihelo, uzale, ndodakazi yaseSiyoni njengobelethayo, ngokuba manje uyakuphuma emzini, uhlale endle, ufike naseBabele, lapho uzakophulwa khona; lapho uJehova uyakukukhulula esandleni sezitha zakho.


Umemezelani manje ngokumemeza okungakho na? Ayikho inkosi kuwe, ubhubhile umluleki wakho, lokhu ubanjwe yimihelo njengobelethayo.


Maye kimi! Ngokuba nginjengokuvunwa kwezithelo zasehlobo, njengokukhothozwa komvini; akukho hlukuzo lokudliwa; umphefumulo wami uyafisa ikhiwane eliyingqalabutho.


“Yishoni kuyo indodakazi yaseSiyoni ukuthi: Bheka, iNkosi yakho iza kuwe, imnene, ikhwele embongolweni, yebo, etholeni, inkonyane yesilwane esiboshelwayo.”


Ngokuba noma ngishumayela ivangeli, anginaludumo ngalokho, ngokuba ngimelwe ukwenze njalo; ngokuba maye kimina uma ngingalishumayeli ivangeli!


Nxa bethi: “Ngukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyabazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo, abasoze baphunyuka.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ