Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 4:30 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Lapho usuchithiwe, uyakwenzani na? Noma wembatha okubomvu, noma uzivunulisa ngezivunulo zegolide, noma ugqaba amehlo akho ngomuthi, uzenza muhle ngeze; izithandwa zakho ziyakudelela, zifuna ukukubulala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

30 Wena ochithiweyo, wenzani ngokuvunula ngokubomvu nangemvunulo yegolide, nokugqaba amashiya akho ngomuthi, uzenza muhle ngeze na? Izithandwa zakho ziyakwedelela, zifuna ukukubulala.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Njalo uba uphangiwe, uzakwenzani? Noma ugqoka okubomvu, noma uvunula ngezivunulo zegolide, noma uklebhula ubuso bakho ngopende, uyakuhlobisa ngeze; izithandwa zakho ziyakudelela, zifune ukuphila kwakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 4:30
27 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehu esefikile eJizreyeli, u-Izebeli wakuzwa, wagqaba amehlo akhe, wahlobisa ikhanda lakhe, walunguza efasiteleni.


Ungakhanuki ubuhle bakhe enhliziyweni yakho, angakubambi ngezinkophe zakhe.


Bheka, isihlangabezwa ngowesifazane; izingubo zakhe zingezesifebe, enobuqili enhliziyweni.


Niyakwenze njani ngosuku lokuhanjelwa nasekuchithakaleni okuvela kude na? Niyakubalekela kubani ukuba nisizwe na? Niyakushiya kubani imfuyo yenu na?


Abakhileyo kuleli elingasogwini bayakuthi ngalolo suku: ‘Bheka, linjalo ithemba lethu esabalekela kulo ukuba sisizwe, sophulwe enkosini yase-Asiriya; pho-ke, thina siyakuphunyuka kanjani na?’ ”


Izoni zaseSiyoni ziyesaba, ukuthuthumela kubambile abangenaNkulunkulu. “Ngubani phakathi kwethu ongahlala nomlilo oqothulayo; ngubani phakathi kwethu ongahlala nokunkewuzela okuphakade na?”


Uyakuthini lapho emisa phezu kwakho labo okade ubafundisile ukuba babe ngabangane bakho, babe yinhloko, na? Awuyikubanjwa lusizi njengowesifazane obelethayo na?


Wena ohlala eLebanoni, owakha isidleke sakho kuyo imisedari,* uyakuhawukelwa kangakanani ngokufikelwa kwakho yimihelo, imihelo enjengeyobelethayo!


Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe, azisakufuni, ngokuba ngikushayile ngokushaywa kwezitha, ngokulaywa kononya, ngenxa yobuningi bokona kwakho, nangokuba izono zakho zandile.


Abaprofethi baprofetha amanga, abapristi babusa eceleni kwabo; abantu bami bayakuthanda kanjalo, kepha niyakwenze njani ekupheleni na?


“Ngazibiza izithandwa zami, zangikhohlisa. Abapristi bami namalunga ami bafela emzini, besafuna ukudla ukuba babuyise umphefumulo wabo.


Uyakhala nokukhala ebusuku, izinyembezi zawo zisezihlathini zawo; kawunamduduzi phakathi kwazo zonke izithandwa zawo; bonke abangane bawo bawuphathe ngenkohliso, sebe yizitha zawo.


Amehlo ethu ayaphela ukubheka usizo lwethu oluyize; ekulindeni kwethu silindela isizwe esingenakusindisa.


Wawuse-Edene, insimu kaNkulunkulu; onke amatshe anqabileyo ayeyisisibekelo sakho, isardiyu,* netopazi,* nedayimani,* neshohamu,* nejaspi,* nesafire,* nesimaragidu,* nekrisolithe;* nezivunulo zakho nezisekelo zamatshe zaziyigolide, zilungisiwe ngosuku lokudalwa kwakho.


Usasho phambi kokubulalayo ukuthi: “Ngingunkulunkulu mina,” ingani ungumuntu, ungesiye uNkulunkulu, esandleni sokugwazayo, na?


Bonke abantu besivumelwano sakho bayakukuxosha emkhawulweni; abantu ababehlalisana nawe ngokuthula bayakukukhohlisa, bakwahlule; abadla isinkwa sakho bayakubeka ugibe phansi kwakho; akakho oluqondayo.


thina siyakuphunyuka kanjani, uma sidebesela ukusindiswa okungaka na? – okwakhulunywa kuqala ngeNkosi, kwaqiniswa kithina yilabo abamuzwayo,


Lawo anomqondo munye, anika isilo amandla nokubusa kwawo.


afeba naso amakhosi omhlaba, nabakhileyo emhlabeni badakiswa yiwayini lobufebe baso.”


Nowesifazane wayembethe okububende nokubomvu, evunule ngegolide nangamatshe anenani nangamaparele*, ephethe isitsha segolide ngesandla sakhe, sigcwele amanyala nokungcolileyo kobufebe bakhe,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ