Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 4:29 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

29 Umuzi wonke uyabaleka ngenxa yomsindo wabamahhashi nowabemicibisholo; bayangena ezihlahleni, bakhuphukele emadwaleni; imizi yonke ishiyiwe, akakho ohlala kuyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

29 Yonke imizi iyabaleka ngenxa yomsindo wabamahhashi, nowabaciba ngemicibisholo; abantu bangena emahlokozini, bakhuphukele emadwaleni; imizi yonke isele dengwane, akusekho ohlala kuyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

29 Umuzi wonke uyawubalekela umsindo wabamahhashi nabacibishelayo; bayakungena emahlathini, bagibele emadwaleni; yonke imizi iyakushiywa, kungahlali muntu kuyo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 4:29
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngalokho-ke uJehova wabehlisela izinduna zempi yenkosi yase-Asiriya; zambamba uManase ngamaketanga, zambopha ngawozankosi, zamuyisa eBabele.


Inkulungwane iyakubaleka ngokusongela koyedwa; ngokusongela kwaba yisihlanu niyakubaleka, nize nishiywe njengensika esiqongweni sentaba nanjengebhanela* phezu kwegquma.”


uJehova aze adedisele kude abantu, nencithakalo ibe nkulu ezweni.


“Bheka, ngiyakuthumela kubadobi abaningi,” usho uJehova, “babadobe; besengithumela kubazingeli abaningi, babazingele kuzo zonke izintaba, nakuwo onke amagquma, nakuyo imifantu yeziwa.


Ingonyama ikhuphukile esihlahleni sayo, umchithi wezizwe uyeza; uphumile endaweni yakhe ukuba ulenze izwe lakho libe yincithakalo, ichithwe imizi yakho, kungabikho ohlala kuyo.


Kepha wawusufohlwa umuzi, onke amadoda empi abaleka, aphuma emzini ebusuku ngendlela yesango phakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi – amaKaledi ayekhona nxazonke zomuzi – ahamba ngendlela yase-Araba.


Babamba umnsalo nomkhonto; banonya, abanamusa, izwi labo liduma njengolwandle, bakhwele amahhashi, behleliwe njengabantu abayakulwa, behlelelwe ukulwa nawe ndodakazi yaseSiyoni.”


Ngayibona iNkosi imi ngase-altare, yathi: “Shaya izihloko zezinsika, ukuze imigulugulu izamazame, uzaphule phezu kwamakhanda abo bonke; abaseleyo babo ngiyakubabulala ngenkemba; obalekayo kubo akayikubaleka, nophunyukayo kubo akayikuphunyuka.


Khona “ ‘bayakuqala ukuthi ezintabeni: “Welani phezu kwethu,” nasemagangeni: “Sisibekeleni.” ’


Lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi basengcingweni, ngokuba bacindezelwa kakhulu, abantu bacasha emihumeni, nasemahlozini, nasemaweni, nasezinqabeni, nasemigodini.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ