Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 4:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Umhlaba uyakhala ngalokhu, izulu phezulu limnyama, ngokuba ngikukhulumile, ngikuhlosile, ngingazisolanga; futhi angiyikubuya kukho.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

28 Umhlaba uyakhala ngalokhu, izulu phezulu liyakuba mnyama, ngokuba ngikukhulumile, nginqumile; anginakuguquka, anginakuphenduka kulokhu.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Ngenxa yalokhu umhlaba uyakukhala, nezulu phezulu liyoba mnyama, ngokuba ngikukhulumile, ngikuhlosile, angiyikuzisola, futhi angiyikubuya kukho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 4:28
34 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Umhlaba uyalila, ubune; izwe liyaphela amandla, linyamalale, abaphakemeyo bomhlaba badangale.


Ibandla lonke lasezulwini liyaphela, izulu lisongwe njengomqulu; ibandla lonke liyawa njengokuwa kweqabunga emvinini nanjengokubunileyo emkhiwaneni.


Bayakugwavuma phezu kwabo ngalolo suku njengokuduma kolwandle; uma umuntu ebuka umhlaba, bheka, naso isigayegaye sobumnyama, nokukhanya kwenziwe mnyama ngamafu awo.


Ngiyembathisa amazulu ubumnyama, ngenze indwangu yamasaka ibe yisimbozo sawo.”


Basenze incithakalo; siyincithakalo, sikhala kimi; izwe lonke lichithiwe, kepha akakho okubeka enhliziyweni.


Koze kube nini izwe lidabuka, nemifino yonke yasendle ibuna, na? Ngobubi babakhileyo khona izinkomo nezinyoni ziyabhubha, ngokuba bathi: “Akayikubona ukugcina kwethu.”


“UJuda uyalila, amasango akhe adangele, ahlezi emhlabathini edabukile, nokukhala kweJerusalema kwenyukile.


Ngokuba izwe ligcwele iziphingi; izwe liyadabuka ngenxa yesiqalekiso; amadlelo asehlane omile. Ukuhamba kwabo kubi, namandla abo awalungile.


Intukuthelo kaJehova ayiyikubuya aze enze, aze afeze umgomo wenhliziyo yakhe; ezinsukwini ezizayo niyakukuqonda nokukuqonda.


Ukufutheka okuvuthayo kukaJehova akuyikubuya, aze enze, aze afeze umgomo wenhliziyo yakhe; ezinsukwini zokugcina niyakukuqonda.


Misani ibhanela* ngasezingangeni zaseBabele, niqinise umlindo, nimise abalindi, nihlele abaqamekeli, ngokuba uJehova ukuhlosile, futhi wakwenza lokho owakukhuluma kwabakhileyo eBabele.


“Wena-ke ungakhulekeli laba bantu, ungabaphakamiseli ukukhala nomkhuleko, ungabanxuseli kimi, ngokuba angiyikuzwa.


UJehova wenzile lokhu abekucebile; uligcwalisile izwi lakhe, ayeyale ngalo ezinsukwini zasendulo; ubhidlizile engenasihawu, wenza ukuba isitha sithokoze phezu kwakho, waphakamisa uphondo lwabamelene nawe.


“ ‘Mina Jehova ngikukhulumile; kuyakwenzeka, ngiyakukwenza; angiyikuyekela, angiyikuhawukela, angiyikuzisola; bayakukwahlulela njengezindlela zakho nezenzo zakho, isho iNkosi uJehova.’ ”


“Ngiyakubahlenga esandleni sendawo yabafileyo, ngibahlawulele ekufeni; ziphi izifo zakho, kufa, kuphi ukuchitha kwakho, ndawo yabafileyo, na? Ukuguquka kufihlekile emehlweni ami.


Ngalokho izwe liyakudabuka, bonke abakhe kulo badangale kanye nezilwane zasendle nezinyoni zezulu; yebo, nezinhlanzi zolwandle ziyakususwa.


Amasimu achithekile, umhlabathi uyalila, ngokuba amabele achithiwe; iwayini elisha lishile, amafutha ayawuma.


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Njengalokho ngahlosa ukwenza okubi kini, lapho oyihlo babengithukuthelisa,” usho uJehova Sebawoti, “ngingazisolanga,


uNkulunkulu akasiye umuntu ukuba aqambe amanga, nandodana yomuntu ukuba azisole; ushilo, angayikukwenza, na? Ukhulumile, angayikukuphelelisa, na?


Kepha kusukela ngehora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.


Sekufikile ihora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye.


Kungaba yihora lesithupha kwase kuba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye;


kuyena esabelwa futhi ifa kuye, esakumiselwa ngaphambili ngokwesimiso salowo osebenza izinto zonke ngokunquma kwentando yakhe,


esazisa imfihlakalo yentando yakhe njengokuzibonela kwakhe azimisela khona ngaphambili,


kepha yena wabekwa ngokufunga nguye owasho kuye ukuthi: “INkosi yafunga, ayiyikuzisola, yathi: ‘Wena ungumpristi kuze kube phakade.’ ”


Ngase ngibona lapho livula uphawu lwesithupha, kwaba khona ukuzamazama okukhulu komhlaba, nelanga laba mnyama njengendwangu yesaka loboya, nenyanga yonke yaba njengegazi,


IThemba Lika-Israyeli aliyikuqamba amanga, lizisole, ngokuba alisiye umuntu ukuba lizisole.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ