Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 39:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 AmaKaledi ashisa indlu yenkosi nezindlu zabantu ngomlilo, azidiliza izingange zaseJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 AmaKhaledi asishisa ngomlilo isigodlo senkosi nezindlu zabantu, adiliza izingange eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 AmaKhaledi ashisa indlu yenkosi nezindlu zabantu ngomlilo, adiliza izingange zaseJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 39:8
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngenyanga yesihlanu ngolwesikhombisa lwenyanga okwakungumnyaka weshumi nesishiyagalolunye wenkosi uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, kwafika uNebuzaradani induna yabalindi, inceku yenkosi yaseBabele, eJerusalema.


Bayishisa indlu kaNkulunkulu, baludiliza ugange lwaseJerusalema, bazishisa zonke izinqaba ngomlilo, bazichitha zonke izitsha ezinxanelekayo zakhona.


Bathi kimi: “Insali eseleyo ekuthunjweni lapho ezweni isekuhluphekeni okukhulu nasehlazweni; ugange lwaseJerusalema lubhidliziwe, namasango alo ashisiwe ngomlilo.”


Ngokuba sebemdlile uJakobe, umuzi wakhe sebewuchithile.


UJehova Sebawoti wathi ezindlebeni zami: “Impela izindlu eziningi ziyakuba yincithakalo, nezinkulu nezinhle zingabi namuntu ohlala kuzo.


Kepha uma ningalaleli ukuba nilungcwelise usuku lwesabatha, ningathwali mthwalo lapho ningena ngamasango aseJerusalema ngosuku lwesabatha, ngiyakuphemba umlilo emasangweni alo, uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema, ungacinywa.’ ”


Ngokuba ngibhekise ubuso bami kulo muzi kube kubi, kungabi kuhle, usho uJehova; uyakunikelwa esandleni senkosi yaseBabele, iwushise ngomlilo.’


AmaKaledi alwa nalo muzi ayakufika, awuthungele lo muzi ngomlilo, awushise kanye nalezo zindlu abashisele uBali impepho phezu kwezimpahla zazo, bathululela abanye onkulunkulu iminikelo yokuphuzwa ukuba bangicunule.


“Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Hamba usho kuSedekiya inkosi yakwaJuda, uthi kuye: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakuwunikela lo muzi esandleni senkosi yaseBabele, iwushise ngomlilo.


Bheka, ngiyakubayala, usho uJehova, ngibabuyisele kulo muzi; bayakulwa nawo, bawuthathe, bawushise ngomlilo, ngenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo ingahlalwa muntu.”


Ngokuba noma benichithile impi yonke yamaKaledi elwa nani, kwaze kwasala abantu abagwaziweyo bodwa phakathi kwabo, bona bebeyakuvuka, kube yilowo nalowo etendeni lakhe, bawushise lo muzi ngomlilo.”


kepha uma ungaphumi uye ezikhulwini zenkosi yaseBabele, lo muzi uyakunikelwa esandleni samaKaledi, awushise ngomlilo, ungaphunyuki esandleni sabo.’ ”


“Khuphukelani ezingangeni zalo, nilichithe, ningaliqedi ngokupheleleyo nokho; susani amagatsha alo, ngokuba awasiwo akaNkulunkulu.


“ ‘Ngalokho isho njalo iNkosi uNkulunkulu, ithi: Bheka, intukuthelo yami nokufutheka kwami kuyakuthululwa kule ndawo phezu kwabantu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwemithi yasendle, naphezu kwezithelo zomhlaba, kuvuthe kungacimi.


Isitha selulile isandla saso phezu kwakho konke okumnandi kwalo, ngokuba sibonile ukuthi abezizwe bangene endlini yalo engcwele, owabayala ukuthi abayikungena ebandleni lakho.


INkosi igwinyile onke amakhaya kaJakobe ingahawukelanga. Ngentukuthelo yayo, ibhidlizile izinqaba zendodakazi yakwaJuda, yazidilizela emhlabathini, yangcolisa umbuso nezikhulu zawo.


INkosi yalilahla i-altare layo, yanengwa yindlu yayo engcwele, yanikela izingange zezindlu zayo zamakhosi esandleni sesitha. Ziphakamise izwi endlini kaJehova njengasosukwini lomkhosi omisiweyo.


Ziyakushisa izindlu zakho ngomlilo, zikwahlulele emehlweni abesifazane abaningi, ngenze ukuba uyeke ukufeba, wena ungabe usanika umvuzo.


Isixuku siyakubakhanda ngamatshe sibahlahlele ngezinkemba zaso, sibulale amadodana abo namadodakazi abo, sishise izindlu zabo ngomlilo.


Kwathi ngomnyaka weshumi nambili wokuthunjwa kwethu, ngenyanga yeshumi, ngolwesihlanu lwenyanga, kwafika kimi ophunyukileyo eJerusalema, wathi: “Umuzi unqotshiwe.”


Kepha ngiyakuthuma umlilo kwaJuda, uqede izindlu zamakhosi zaseJerusalema.”


Ngalokho ngenxa yenu iSiyoni liyakulinywa njengensimu, iJerusalema libe yincithakalo, intaba yendlu ibe yizindawo eziphakemeyo zamahlathi.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ