Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 39:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kwathi lapho uSedekiya inkosi yakwaJuda nawo onke amadoda empi bezibona, babaleka, bephuma emzini ebusuku ngendlela yensimu yenkosi ngesango phakathi kwezingange zombili; waphuma ngendlela yase-Araba.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Kwathi lapho uZedekiya, inkosi yakwaJuda, nawo wonke amabutho bebabona, baphulukundlela, babaleka ebusuku emizini, bahamba ngendlela yensimu yenkosi, ngesango eliphakathi kwezingange zombili; bahamba ngendlela eya e-Arabha.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Kwathi uZedekhiya inkosi yakoJuda ebabona lawo wonke amadoda empi, babaleka baphuma emzini ebusuku ngendlela yensimu yenkosi, ngesango phakathi kwezingange zombili, waphuma endleleni yasethafeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 39:4
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Waziqinisa, wakha lonke ugange olwaludiliziwe, wabeka imibhoshongo phezu kwalo, nolunye ugange ngaphandle, waqinisa iMilo emzini kaDavide, wenza izikhali nezihlangu eziningi.


Futhi nenzela amanzi echibi elidala umgodi phakathi kwezingange zombili, kepha anibhekanga kumenzi walokho, animnakanga okade wakunquma.


Zonke izinduna zakho zibalekile kanyekanye, zaboshwa ngaphandle kweminsalo; zonke ezakho ezafunyanwayo zaboshwa kanyekanye, noma zazibalekele kude.


ngize ngilicindezele i-Ariyeli,* kube khona ukukhala nokububula, libe njenge-Ariyeli kimi.


uSedekiya inkosi yakwaJuda angaphunyuki esandleni samaKaledi, kepha anikelwe nokunikelwa esandleni senkosi yaseBabele, akhulume nayo umlomo nomlomo, amehlo akhe awabone amehlo ayo,


yona imyise uSedekiya eBabele, abe khona lapho ngize ngimhambele, usho uJehova; noma nilwa namaKaledi, aniyikuphumelela na?’ ”


“Isikhulu esiphakathi kwabo siyakuthwala ehlombe sekumnyama, siphume, bagebhule ogangeni ukuba bakhiphe khona, sisibekele usubo baso, ngokuba asiyikubona izwe ngamehlo aso.


Uyakukhipha impahla yakho emini emehlweni abo njengempahla yokuhamba, wena uphume kusihlwa emehlweni abo njengokuphuma ukuya ekuthunjweni.


Ngiyakubeka ubuso bami bumelane nani, nibulawe phambi kwezitha zenu; abanizondayo bayakubusa phezu kwenu, nibaleke ningaxoshwa muntu.


“ ‘Abaseleyo bakini ngiyakubehlisela itwetwe ezinhliziyweni zabo emazweni ezitha zabo; ubuhashahasha beqabunga elinyakaziswayo buyakubaxosha, babaleke njengalokhu umuntu ebalekela inkemba, bawe bengaxoshwa muntu.


Onejubane uyakuswela ukubaleka; onamandla akayikuqinisa amandla akhe, neqhawe aliyikuzikhulula.


“UJehova uyakwenza ukuba ubulawe phambi kwezitha zakho, uzihlasele ngandlelanye, uzibalekele ngezindlela eziyisikhombisa phambi kwazo, ube yingebhe emibusweni yonke yomhlaba.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ