Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 39:18 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Ngokuba ngiyakukukhulula nokukukhulula, awuyikuwa ngenkemba, kepha ukuphila kwakho kuyakuba yimpango kuwe, ngokuba ungethembile, usho uJehova.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

18 Impela ngiyakukukhulula, awuyukuwa ngenkemba, kodwa ukuphila kwakho kuyofana nempango kuwe, ngokuba ungethembile, kusho uSimakade.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Ngokuba ngiyakukusindisa nokukusindisa, awuyikuwa ngenkemba, kepha ukuphila kwakho kuyakuba yimpango yakho, ngokuba uthembele kimi,” usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 39:18
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Asizwa ekulweni nabo, amaHagiri anikelwa ezandleni zawo nabo bonke ababe nawo, ngokuba akhala kuNkulunkulu empini, amncenga, ngokuba ayemethemba.


Endlaleni uyakukuhlenga ekufeni nasempini emandleni enkemba.


UJehova uyathokoza ngabamesabayo, abathemba umusa wakhe.


Yangeni indodana, ingaze ithukuthele, nibhubhe endleleni, ngokuba ulaka lwayo luyakuvutha masinyane. Babusisiwe bonke abaphephela kuyo.


Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo, abathemba umusa wakhe,


UJehova ukhulula umphefumulo wezinceku zakhe; akakho kwabamethembayo oyakuba necala.


Themba kuJehova, wenze okulungileyo; hlala ezweni, uzondle ngokukholeka;


Jehova Sebawoti, ubusisiwe umuntu okwethembayo.


Bayakuwa abayizinkulungwane ngaseceleni kwakho, nabayizinkulungwane eziyishumi ngakwesokunene sakho, kepha akuyikufinyelela kuwe.


Inhliziyo eqinileyo uyayilinda ngokuthula okupheleleyo, ngokuba yethemba kuwe.


Osala kulo muzi uyakufa ngenkemba, nangendlala, nangesifo, kepha ophumayo, aye kumaKaledi anivimbezelayo, uyakuphila, ukuphila kwakhe kube yimpango yakhe.


“Usho kanje uJehova, uthi: ‘Osele kulo muzi uyakufa ngenkemba, nangendlala, nangesifo, kepha ophumela kumaKaledi uyakuphila, nokuphila kwakhe kuyakuba yimpango kuye, aphile.’


Ngokuba bonke abonileyo bengenamthetho bayakubhubha bengenamthetho; kepha bonke abonileyo benomthetho bayakwahlulelwa ngomthetho;


ukuze sibe ludumo lwenkazimulo yakhe, thina esethemba ngaphambili kuKristu;


enikholwa nguNkulunkulu ngaye, owamvusa kwabafileyo nowamnika inkazimulo, ukuze ukukholwa kwenu kube nethemba kuNkulunkulu.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ