Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 39:1 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Kwathi lapho iJerusalema selinqotshiwe ngomnyaka wesishiyagalolunye kaSedekiya, inkosi yakwaJuda, ngenyanga yeshumi kwafika uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, nempi yakhe yonke eJerusalema, walivimbezela;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

1 Ngonyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwenkosi uZedekiya kwaJuda, ngenyanga yeshumi, inkosi uNebukhadinezari waseBhabhele nayo yonke impi yakhe, bafika eJerusalema, balivimbezela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Ngomnyaka wesishiyagalolunye kaSedekiya inkosi yakwaJuda, ngenyanga yeshumi, uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, nayo yonke impi yakhe, wafika eJerusalema, walivimbezela.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 39:1
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngalokho wabehlisela inkosi yamaKaledi eyabulala izinsizwa zabo ngenkemba endlini yabo engcwele, ayihawukelanga nansizwa, nantombi, naxhegu, nogugileyo; wabanikela bonke esandleni sayo.


Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova ngomnyaka weshumi kaSedekiya inkosi yakwaJuda, owawungumnyaka weshumi nesishiyagalombili kaNebukadinesari.


Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lapho uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, nayo yonke impi yakhe, nayo yonke imibuso yomhlaba ebuswa yisandla sakhe, nabantu bonke belwa neJerusalema nayo yonke imizi yalo, lathi:


Bheka, ngiyakubayala, usho uJehova, ngibabuyisele kulo muzi; bayakulwa nawo, bawuthathe, bawushise ngomlilo, ngenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo ingahlalwa muntu.”


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Njengalokhu intukuthelo yami nokufutheka kwami kuthululelwe phezu kwabakhileyo eJerusalema, kanjalo ukufutheka kwami kuyakuthululelwa phezu kwenu, nxa ningena eGibithe, nibe yisithuko, nesimangaliso nesiqalekiso, nehlazo, ningabe nisayibona le ndawo.’


USedekiya wayeneminyaka engamashumi amabili nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema; igama likanina lalinguHamuthali indodakazi kaJeremiya waseLibina.


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Gawulani imithi yayo, ninqwabele iduli ngakulo iJerusalema. Yiwo umuzi oyakuhanjelwa, ungukucindezela kuphela phakathi kwawo.


Kwathi ngomnyaka weshumi nambili wokuthunjwa kwethu, ngenyanga yeshumi, ngolwesihlanu lwenyanga, kwafika kimi ophunyukileyo eJerusalema, wathi: “Umuzi unqotshiwe.”


Zithathele ucwecwe lwensimbi, ulubeke lube ludonga lwensimbi phakathi kwakho nomuzi, uqondise ubuso bakho kuwo, wona uvinjezelwe, uvinjezelwe nguwe. Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuyo indlu yakwa-Israyeli.


Ngomnyaka wamashumi amabili nanhlanu, wokuthunjwa kwethu ekuqaleni komnyaka, ngolweshumi lwenyanga, ngomnyaka weshumi nane, emva kokunqotshwa komuzi, ngalona lolo suku, isandla sikaJehova sasiphezu kwami, wangiyisa khona.


Inxenye yesithathu uyakuyishisa ngomlilo phakathi komuzi, seziphelile izinsuku zokuvinjezelwa, uthathe enye inxenye yesithathu, ugalele ngenkemba nxazonke zayo, nenye inxenye yesithathu uyihlakaze emoyeni, ngihoshe inkemba emva kwazo.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ukuzila kwenyanga yesine, nokuzila kweyesihlanu, nokuzila kweyesikhombisa, nokuzila kweyeshumi kuyakuba ngukujabula nokuthokoza nemikhosi emihle kuyo indlu yakwaJuda; thandani iqiniso nokuthula.”


“UJehova uyakuyisa wena nenkosi oyibeke phezu kwakho kuso isizwe ongasazi, wena nawoyihlo, ukhonze lapho abanye onkulunkulu, imithi namatshe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ