Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 38:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 U-Ebedi Meleki umKushe, umthenwa, owayesendlini yenkosi, esezwile ukuthi bamfake uJeremiya emgodini, inkosi ihlezi esangweni lakwaBenjamini,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 Kepha u-Ebhedi Melekhi, umKhushe owayengumthenwa esigodlweni senkosi, wezwa ukuthi uJeremiya bamfake emgodini. Inkosi yayihleli esangweni kwaBhenjamini.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 U-Ebhedi-Melegi umKushe, omunye wabathenwa owayesendlini yenkosi, wezwa ukuthi bamfake uJeremiya emthonjeni; inkosi yayihlezi esangweni lakwaBenjamini;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 38:7
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yathumba uJehoyakini, yamyisa eBabele; nonina wenkosi, nabafazi benkosi, nezinduna zayo, nabakhulu bezwe yabamukisa ngokubathumba eJerusalema, yabayisa eBabele.


Izikhulu ziyakuvela eGibithe; amaKushe ayakwelulela ngokushesha izandla zawo kuNkulunkulu.


Abantu begazi bayazonda opheleleyo, kepha abaqotho banaka umphefumulo wakhe.


Indodana yowezizwe ezihlanganise noJehova mayingasho ukuthi: “Impela uJehova uyakungahlukanisa nabantu bakhe,” nomthenwa angathi: “Bheka, ngingumuthi owomileyo.”


UmKushe angasiguqula isikhumba sakhe, nengwe amabala ayo, na? Khona ningenza okuhle nina enifundisiwe ukwenza okubi.


UPhashuri wamshaya uJeremiya umprofethi, wamfaka esitokisini* esasingasesangweni lasenhla lakwaBenjamini elalingasendlini kaJehova.


Zase zithi izikhulu nabo bonke abantu kubo abapristi nakubo abaprofethi: “Lo muntu akafanele ukufa, ngokuba ukhulume kithi egameni likaJehova uNkulunkulu wethu.”


sebesukile uJekoniya inkosi, nendlovukazi, nabathenwa, nezikhulu zakwaJuda nezaseJerusalema, nezinyanga zomsebenzi, nabakhandi eJerusalema,


ngisho izikhulu zakwaJuda, nezikhulu zaseJerusalema, nabathenwa, nabapristi, nabo bonke abantu bezwe ababedlula phakathi kwezinhlangothi zethole,


Lapho esesangweni lakwaBenjamini, kwakukhona lapho inkosi yabalindi egama layo lalingu-Iriya indodana kaShelemiya kaHananiya; yambamba uJeremiya umprofethi, yathi: “Uyahlubukela kumaKaledi.”


u-Ebedi Meleki waphuma endlini yenkosi, wakhuluma enkosini, wathi:


Bayamzonda ofakazela ukulunga esangweni; okhuluma ubuqotho banengwa nguye.


Lonke izwe liyakuphenduka ithafa kusukela eGeba kuze kube seRimoni ngaseningizimu kwaseJerusalema; liyakuphakanyiswa, lihlale endaweni yalo, kusukela eSangweni likaBenjamini kuze kube sendaweni yesango lakuqala, kuze kube seSangweni Lasegumbini, kusukela eMbhoshongweni kaHananeli kuze kube sesikhamweni sewayini senkosi.


“Kanjalo abokugcina bayakuba ngabokuqala, nabokuqala babe ngabokugcina.”


uyise nonina bayakuyibamba, bayiyise kumalunga omuzi wakubo nasesangweni lendawo yakubo,


“ ‘Obalekelayo komunye waleyo mizi uyakuma ngasesikhaleni sesango lomuzi, akhulume indaba yakhe ezindlebeni zamalunga alowo muzi, angene naye emzini, amuphe indawo ukuba ahlale phakathi kwabo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ