Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 38:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Zase zimthatha uJeremiya, zamphonsa emgodini kaMalikhiya indodana yenkosi owawusegcekeni letilongo, bamehlisa uJeremiya ngezintambo. Emgodini kwakungekho manzi, udaka lodwa; uJeremiya washona odakeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Bambamba uJeremiya, bamphonsa emgodini kaMalikhiya, indodana yenkosi, owawusegcekeni labalindi. Bamehlisela emgodini ngezintambo uJeremiya, kwakungekho manzi, kodwa udaka kuphela. UJeremiya wabisha odakeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Base bemthatha uJeremiya, bamphonsa emthonjeni kaMalikhiya indodana yenkosi, owawusegcekeni letilongo; bamehlisa uJeremiya ngezindophi. Emthonjeni kwakungekho manzi, kodwa udaka; ngakho uJeremiya wacwila odakeni.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 38:6
19 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bamthatha, bamphonsa emgodini; umgodi wawungenalutho, kungekho manzi kuwo.


Bangibuyisele okubi ngokuhle, nenzondo ngothando lwami.


Wangikhipha emgodini wokubhujiswa odakeni lobishi, wamisa izinyawo zami edwaleni, waqinisa izinyathelo zami.


Ngishone odakeni lobishi olujulileyo, kungekho kuma; ngingene emanzini alutwa; imisinga iyangicwilisa.


Ngaleso sikhathi impi yenkosi yaseBabele yalivimbezela iJerusalema; uJeremiya umprofethi wayevalelwe egcekeni letilongo elalisendlini yenkosi yakwaJuda,


Inkosi yayala uJerameli indodana yenkosi, noSeraya indodana ka-Aziriyeli, noShelemiya indodana ka-Abideyeli ukuba babambe uBaruki umbhali noJeremiya umprofethi, kepha uJehova wabafihla.


Lapho uJeremiya esengene endlini yomgodi ezindlwaneni ezingaphansi, uJeremiya esehlale khona izinsuku eziningi,


USedekiya inkosi wayeseyala ukuba bambeke uJeremiya egcekeni letilongo, bamnika imihla ngemihla iqebelengwane lesinkwa livela esiTaladini Sabaphekizinkwa, kwaze kwaphela isinkwa sonke emzini. UJeremiya wahlala-ke egcekeni letilongo.


Base bemdonsa uJeremiya ngezintambo, bamkhipha emgodini; uJeremiya wahlala egcekeni letilongo.


Bheka, bonke abesifazane abasele endlini yenkosi yakwaJuda bayakukhishelwa izikhulu zenkosi yaseBabele; bheka, bayakuthi: “ ‘Abahlobo bakho abakhulu bakududile, bakwahlula; kepha lapho izinyawo zakhe zishone exhaphozini, babuyele emuva.’


Yayisiyaleza inkosi, walethwa uDaniyeli, waphonswa emphandwini wezingonyama. Inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “UNkulunkulu wakho omkhonza njalo uyakukukhulula.”


Nawe, ngenxa yegazi lesivumelwano sakho, ngikhiphile iziboshwa zakho emgodini okungekho kuwo amanzi.


yena eyaliwe kanjalo wabaphonsa etilongweni elingaphakathi, wabopha izinyawo zabo ogongolweni.


Ngokuba nidinga ukubekezela, ukuze seniyenzile intando kaNkulunkulu namukele isithembiso.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ