Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 38:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Zase zithi izikhulu enkosini: “Makabulawe lo muntu, njengokuba edangalisa izandla zamadoda empi asele kulo muzi nezandla zabantu bonke ngokukhuluma amazwi anjalo kubo, ngokuba lo muntu akafuni ukuthula kwalaba bantu, ubafunela okubi.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Izikhulu zathi enkosini: “Lo muntu makabulawe, ngoba uthena amabutho asasele kulo muzi nabantu bonke amandla, ngokukhuluma kubo lawa mazwi anje, ngokuba lo muntu akafuni inhlalakahle yalaba bantu, kodwa okubi kuphela.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngakho izikhulu zathi enkosini: “Siyakucela ukuba lo muntu abulawe, ngokuba wenza buthakathaka kanjalo izandla zamaqhawe asele kulo muzi, nezandla zabo bonke abantu, ngokukhuluma amazwi anje, aze enze lo muntu. Hhayi ukufuna inhlalakahle yalaba bantu, kodwa ubuhlungu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 38:4
25 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wayesethi u-Ahabi ku-Eliya: “Usungitholile wena sitha sami na?” Wathi: “Ngikutholile, ngokuba uzithengisile ukwenza okubi emehlweni kaJehova.


Bamenzela ugobe, bamkhanda ngamatshe ngesiyalezo senkosi egcekeni lendlu kaJehova.


“Makwazeke enkosini ukuthi abaJuda abakhuphuka kuwe sebefikile kithi eJerusalema; bayawakha umuzi ohlubukileyo nonengekayo; sebeyakuqeda izingange, bahlanganise izisekelo.


Ngokuba bonke babesethusa bethi: “Izandla zabo ziyakudangala emsebenzini ukuba ungenziwa.” Ngase ngikhuleka ngathi: “Kepha manje, Nkosi, qinisa izandla zami.”


Inkosi yaseGibithe yathi kubo: “Nibakhumulelani abantu emithwalweni yabo nina Mose no-Aroni na? Hambani, niye emisebenzini yenu.”


“Ngalokho usho kanje uJehova ngabantu base-Anathoti abafuna ukuphila kwakho, bathi: ‘Awuyikuprofetha ngegama likaJehova, ukuze ungafi ngesandla sethu;’


Kepha wena Jehova uyawazi onke amasu abo okungibulala; ungathetheleli ububi babo, nezono zabo ungazesuli emehlweni akho, kepha mabakhubekiswe phambi kwakho, ubavukele ngesikhathi sentukuthelo yakho.


Base bethi abapristi nabaprofethi ezikhulwini nakubo bonke abantu, bathi: “Lo muntu ufanele ukufa, ngokuba uprofethile ngalo muzi, njengalokho nizwile ngezindlebe zenu.”


Funani ukuthula komuzi lapho nginithumbele khona, niwukhulekele kuJehova, ngokuba ekuthuleni kwawo niyakuba nokuthula.”


Inkosi uSedekiya yayisifunga ngasese kuJeremiya, yathi: “Kuphila kukaJehova owasenzela lo mphefumulo, angiyikukubulala, futhi angiyikukunikela esandleni salawa madoda afuna ukuphila kwakho.”


Uma izikhulu zizwa ukuthi ngikhulumile nawe, bese zifika kuwe, zithi kuwe: ‘Ake usitshele okukhulumileyo enkosini, ungasifihleli khona, asiyikukubulala, nalokho inkosi eyakukhuluma kuwe,’


kepha uBaruki indodana kaNeriya ukuqhathanisa nathi ukuba sinikelwe esandleni samaKaledi, ukuze asibulale, asithumbele eBabele.”


Izikhulu zawo phakathi kwawo zinjengezimpisi ezidwengula impango ukuchitha igazi nokuqeda imiphefumulo ukuba ziphange nokuphanga.


U-Amasiya umpristi waseBethele wayesethumela kuJerobowamu inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “U-Amose ukwenzele ugobe phakathi kwendlu yakwa-Israyeli; izwe alinakuthwala onke amazwi akhe.


Baqala ukumthwesa icala, bathi: “Simfumene lo edukisa isizwe sakithi, enqaba ukuba kuthelwe imali kuKesari, ethi nguye onguKristu inkosi.”


babayisa ezinduneni, bathi: “Laba bantu banyakazisa umuzi wakithi bengabaJuda;


kepha bengabafumani bamhudulela uJasoni kanye nabazalwane abathile kubaphathimuzi, bamemeza bathi: “Laba abayaluzisa izwe lonke sebefikile nalapha,


“Ngokuba le ndoda siyifumene iyishinga ivusa ukwambuka phakathi kwabaJuda ezweni lonke, iyinhloko yehlelo lamaNazaretha,


Kepha sithi kufanele sizwe kuwe okucabangayo, ngokuba siyazi ngaleli hlelo ukuthi liyaphikiswa ezindaweni zonke.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ