Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 38:28 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Kepha uJeremiya wasala egcekeni letilongo, kwaze kwafika usuku elanqotshwa ngalo iJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

28 UJeremiya wasala egcekeni labalindi kwaze kwaba wusuku elanqotshwa ngalo iJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

28 UJeremiya wahlala egcekeni letilongo kwaze kwaba usuku iJerusalema elathunjwa ngalo, futhi wayelapho lapho iJerusalema lithunjwa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 38:28
12 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Noma ngihamba esigodini sethunzi lokufa, angesabi okubi, ngokuba wena unami, intonga yakho nodondolo lwakho ziyangiduduza.


Izwi likaJehova lafika kuJeremiya ngokwesibili, esavalelwe egcekeni letilongo, lathi:


Ake uzwe manje, nkosi yami, nkosi; ukunxusa kwami makufike phambi kwakho ukuba ungangibuyiseli endlini kaJonathani umbhali, funa ngifele khona.”


USedekiya inkosi wayeseyala ukuba bambeke uJeremiya egcekeni letilongo, bamnika imihla ngemihla iqebelengwane lesinkwa livela esiTaladini Sabaphekizinkwa, kwaze kwaphela isinkwa sonke emzini. UJeremiya wahlala-ke egcekeni letilongo.


Base bemdonsa uJeremiya ngezintambo, bamkhipha emgodini; uJeremiya wahlala egcekeni letilongo.


Zonke izikhulu zafika kuJeremiya, zambuza. Wazitshela onke lawa mazwi inkosi emyale ngawo. Zathula, zasuka kuye, ngokuba indaba ayizwakalanga.


UNebuzaradani induna yabalindi kanye noNebushazibani induna yezinceku, noNerigali Sareseri induna yabapristi, nezikhulu zonke zenkosi yaseBabele base bethumela,


bathuma bamkhipha uJeremiya egcekeni letilongo, bamnikeza kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani ukuba amyise ekhaya; wayesehlala phakathi kwabantu.


Lase lifika izwi likaJehova kuJeremiya esavalelwe egcekeni letilongo, lithi:


nokuzingelwa, nezinhlupheko ezangehlela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu naseListra; ukuzingelwa okunje ngakhuthazela kukho, kepha iNkosi yangikhulula kukho konke.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ