Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 38:22 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 Bheka, bonke abesifazane abasele endlini yenkosi yakwaJuda bayakukhishelwa izikhulu zenkosi yaseBabele; bheka, bayakuthi: “ ‘Abahlobo bakho abakhulu bakududile, bakwahlula; kepha lapho izinyawo zakhe zishone exhaphozini, babuyele emuva.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

22 bheka, bonke abesifazane abasele esigodlweni senkosi yakwaJuda bayakukhishelwa ezikhulwini zenkosi yaseBhabhele. Uyabona-ke, bayakuthi: “ ‘Abahlobo bakho bakwedukisile, bakwehlula; kodwa lapho izinyawo zakho sezibishe exhaphozini, babuyela emuva.’

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

22 Futhi bheka, bonke abesifazane abasele endlini yenkosi yakwaJuda bayolethwa ezikhulwini zenkosi yaseBhabhiloni, futhi labo besifazane bayothi: ‘Abangane bakho bakuhlasele futhi bakunqobile; izinyawo zakho zashona odakeni, zabuyela emuva.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 38:22
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Abafowethu bambuluzile njengomfula, njengemithonjana yemifula eshayo,


Yebo, nomhlobo wami ebengimethemba, obedla isinkwa sami, ungiphakamisele isithende sakhe.


Ngikhiphe odakeni, mangingashoni; mangisindiswe kubo abangizondayo, nasemanzini alutwa.


Ngishone odakeni lobishi olujulileyo, kungekho kuma; ngingene emanzini alutwa; imisinga iyangicwilisa.


Bayakubuyiselwa emuva, bajabhe nokujabha labo abethemba ezithombeni ezibaziweyo, abasho ezithombeni ezibunjiweyo ukuthi: ‘Ningonkulunkulu bethu.’


Uyakuthini lapho emisa phezu kwakho labo okade ubafundisile ukuba babe ngabangane bakho, babe yinhloko, na? Awuyikubanjwa lusizi njengowesifazane obelethayo na?


Ngizwile ukuhleba kwabaningi: “Luvalo nxazonke. Mmangalele! Masimmangalele!” Bonke abangane bami bayalinda ukuwa kwami. “Mhlawumbe angayengwa, simahlule, siziphindisele kuye.”


Ningawalaleli amazwi abaprofethi ababesho kini ukuthi: ‘Aniyikuyikhonza inkosi yaseBabele,’ ngokuba baprofetha amanga kini.


‘Ngokuba angibathumanga,’ usho uJehova; ‘baprofetha amanga ngegama lami ukuze nginixoshe, niphele, nina nabaprofethi abaprofetha kini.’ ”


Inkosi uSedekiya yathi kuJeremiya: “Ngiyesaba abaJuda abahlubukele kumaKaledi, funa nginikelwe esandleni sabo, bangiklolodele.”


Kepha uma wala ukuphuma, yileli zwi uJehova angibonisile lona lokuthi:


U-Ishmayeli wayesethumba bonke abantu abaseleyo eMispa, amadodakazi enkosi nabo bonke abantu ababesele eMispa, uNebuzaradani induna yabalindi ayebanikele kuGedaliya indodana ka-Ahikamu, yebo, u-Ishmayeli indodana kaNethaniya wabathumba, wahamba ukuba adlulele kubantwana bakwa-Amoni.


abesilisa, nabesifazane, nabantwana, namadodakazi enkosi, nabo bonke abantu uNebuzaradani induna yabalindi ayebashiyile kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani, noJeremiya umprofethi, noBaruki indodana kaNeriya,


Abaqashwa balo phakathi kwalo banjengamathole akhuluphalisiweyo; nabo babuyele emuva, babaleka kanyekanye, abemanga, ngokuba usuku lwengozi yabo lubehlele, isikhathi sokuhanjelwa kwabo.


Ngikuboneleni na? Baphelile amandla, babuyele emuva. Amaqhawe abo anqotshiwe, ayabaleka nokubaleka engabheki emuva; luvalo nxazonke,” usho uJehova.


Izindlu zabo ziyakunikelwa kwabanye, amasimu abo nawomkabo kanyekanye, ngokuba ngiyakwelulela isandla sami kwabakhileyo ezweni,” usho uJehova.


Ngalokho abafazi babo ngiyakubanika abanye, namasimu abo kwabayakuwadla, ngokuba kusukela kwabancane kuya kwabakhulu bayaphanga impango bonke, nabaprofethi nabapristi bonke baqamba amanga.


“Ephezulu ungithumele umlilo emathanjeni ami, wawahlula; wenekele izinyawo zami inetha, wangibuyisela emuva. Ungenze incithakalo, ngiphele amandla usuku lonke.


Uyakhala nokukhala ebusuku, izinyembezi zawo zisezihlathini zawo; kawunamduduzi phakathi kwazo zonke izithandwa zawo; bonke abangane bawo bawuphathe ngenkohliso, sebe yizitha zawo.


Balala nabesifazane eSiyoni, izintombi zasemizini yakwaJuda.


Ningamethembi umngane, ningakholwa ngumhlobo; gcina iminyango yomlomo wakho kuye olala ngasesifubeni sakho.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ