Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 38:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 Kepha uma wala ukuphuma, yileli zwi uJehova angibonisile lona lokuthi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

21 Kepha-ke uma wala ukuyozinikela, uSimakade ungibonise leli lizwi, elithi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Kodwa uma wala ukuphuma, leli yizwi uJehova angibonisa lona:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 38:21
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wenza okubi emehlweni kaJehova uNkulunkulu wakhe; akazithobanga phambi kukaJeremiya umprofethi womlomo kaJehova.


“Kodwa uyinto inye, ngubani ongambuyisa na? Okufisayo umphefumulo wakhe, lokho uyakwenza.


Uyakuphindisela njengokuthanda kwakho, lokhu ukwenqaba, na? Ngokuba nguwe ozakukhetha, akusimina; khuluma okwaziyo.


UJehova wathi kuMose: “Niyakwala kuze kube nini ukugcina imiyalo yami nemithetho yami na?


Yazini nokwazi kuphela ukuthi uma ningibulala, niyakwehlisela igazi elingenacala phezu kwenu, naphezu kwalo muzi, naphezu kwabakhileyo kuwo, ngokuba ngeqiniso uJehova ungithume kini ukuba ngikhulume onke lawa mazwi ezindlebeni zenu.”


Kepha uJeremiya wathi: “Abayikukunikela. Ake ulilalele izwi likaJehova kulokhu engikukhulumayo kuwe; kuyakuba kuhle kuwe, umphefumulo wakho uphile.


Bheka, bonke abesifazane abasele endlini yenkosi yakwaJuda bayakukhishelwa izikhulu zenkosi yaseBabele; bheka, bayakuthi: “ ‘Abahlobo bakho abakhulu bakududile, bakwahlula; kepha lapho izinyawo zakhe zishone exhaphozini, babuyele emuva.’


Jehova, amehlo akho awaseqinisweni na? Ubashayile, kepha abadabukanga; ubaqedile, kepha balile ukwamukela ukulaywa; benza lukhuni ubuso babo kunetshe, bala ukuphenduka.


Uyakukhuluma amazwi ami kubo, noma bezwa noma benganaki, ngokuba bangabahlubuki.


‘Noma uBalaki ebeyakunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakulidlula izwi likaJehova ngenhliziyo yami ukwenza okuhle noma okubi; akukhulumayo uJehova lokhu ngiyakukukhuluma,’ na?


Kwathi benqaba, behlambalaza, wathintitha izingubo zakhe, wathi kubo: “Igazi lenu malibe phezu kwamakhanda enu; mina anginacala; kusukela manje ngizakuya kwabezizwe.”


Bhekani, ningamali okhulumayo; ngokuba uma bengaphunyukanga labo ababemala lowo owabaxwayisa emhlabeni, kakhulu asiyikuphunyuka thina esimfulathelayo oxwayisa esezulwini,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ