Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 38:20 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

20 Kepha uJeremiya wathi: “Abayikukunikela. Ake ulilalele izwi likaJehova kulokhu engikukhulumayo kuwe; kuyakuba kuhle kuwe, umphefumulo wakho uphile.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

20 Kepha uJeremiya, wathi: “Abayukukunikela. Ake ulilalele izwi likaSimakade engilikhuluma kuwe, ukuze kube kuhle kuwe, usindise umphefumulo wakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

20 Kodwa uJeremiya wathi: Kabayikukusindisa. Lalelani izwi likaJehova engilikhuluma kini; khona kuyakuba kuhle kuwe, uphile umphefumulo wakho.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 38:20
20 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Mawuthi ungudadewethu, ukuze kube kuhle kimi ngenxa yakho, umphefumulo wami uphile ngenxa yakho.”


Bheka-ke, lowo muzi useduze ukuba ngibalekele kuwo, futhi mncane; ake ngibalekele khona angithi mncane ukuba umphefumulo wami uphile.”


Bavuka ekuseni, baphuma baya ehlane laseThekhowa; ekuphumeni kwabo uJehoshafati wema, wathi: “Ngizweni, Juda nani bakhileyo eJerusalema! Kholwani nguJehova uNkulunkulu wenu, niyakuqiniswa; kholwani ngabaprofethi bakhe, niyakuphumelela.”


Wangifundisa, wathi kimi: “Inhliziyo yakho mayibambe amazwi ami; gcina imiyalo yami, uphile.


Gcina imiyalo yami, uphile, nomthetho wami njengenhlamvu yeso lakho.


Bekani izindlebe, nize kimi, nizwe, uyakuphila umphefumulo wenu; ngiyakwenza nani isivumelwano esiphakade, izenzo zomusa oqinisekileyo zikaDavide.


engayala ngawo oyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe, isithando sensimbi,’ ngokuthi: ‘Zwanini izwi lami, nilenze njengakho konke enginiyala ngakho, nibe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu,


Kepha abalalela, ababekanga izindlebe zabo, kepha bahamba, kwaba yilowo nalowo ngobulukhuni benhliziyo yakhe embi; ngase ngehlisela phezu kwabo onke amazwi alesi sivumelwano engabayala ukuwenza, kepha kabawenzanga.’ ”


Ngalokho lungisani izindlela zenu nezenzo zenu, nilalele izwi likaJehova uNkulunkulu wenu, uJehova abuye kukho okubi akukhulume kini.


Kepha uma wala ukuphuma, yileli zwi uJehova angibonisile lona lokuthi:


kepha ngabayala kuphela le nto yokuthi: Lalelani izwi lami, ngiyakuba nguNkulunkulu wenu, nina nibe ngabantu bami, nihambe ngezindlela zonke enganiyala ngazo ukuba kube kuhle kini.


Ngalokho, nkosi, masamukeleke kuwe isiluleko sami, unqamule izono zakho ngokulunga, nobubi bakho ngokuba nomusa kwabampofu; mhlawumbe kungelulwa ukuthula kwakho.”


Ngokuba usho kanje uJehova kuyo indlu yakwa-Israyeli, uthi: “Ngifuneni, niphile.


Funani uJehova, niphile, funa afikele indlu kaJosefa njengomlilo, udle, kungekho owucimayo eBethele.


UPawulu wayesethi: “Bengingafisa kuNkulunkulu ukuba, noma kukancane noma kukakhulu, kungabi wena wedwa kodwa bonke abangizwayo namuhla babe njengami, ngaphandle kwalezi zibopho.”


Ngakho lokhu sikwazi ukwesaba iNkosi, siyabancenga abantu; kepha sibonakalisiwe kuNkulunkulu; ngiyethemba ukuthi nakuye unembeza wenu sibonakalisiwe.


Ngakho singamanxusa kaKristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi; siyanincenga esikhundleni sikaKristu, sithi: “Buyisanani noNkulunkulu.”


Kepha thina esisebenza kanye naye siyanincenga ukuba ningawamukeleli ize umusa kaNkulunkulu –


Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ