Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 38:19 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Inkosi uSedekiya yathi kuJeremiya: “Ngiyesaba abaJuda abahlubukele kumaKaledi, funa nginikelwe esandleni sabo, bangiklolodele.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

19 Inkosi uZedekiya yathi kuJeremiya: “Ngiyabesaba abaJuda abahlubukele kumaKhaledi, funa nginikelwe kubo, bangiphathe kabi.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Inkosi uZedekhiya yathi kuJeremiya: “Ngiyesaba abaJuda abahluthele kumaKaledi, funa anginikele esandleni sabo, badlale ngami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 38:19
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Izigijimi zazilokhu zidlula emizini ngemizi ezweni lakwa-Efrayimi nelakwaManase kwaze kwaba kwaZebuloni; kepha bazihleka usulu, baziklolodela.


Kepha kwathi lapho uSanibalati esezwile ukuthi sabe siluvusa ugange, wathukuthela, wavutha ulaka, waklolodela abaJuda.


ngokuba ngesaba isixuku esikhulu, ngaba novalo lokudelelwa ngabomndeni, ngaze ngathula, angaphuma emnyango –


Ukwesaba abantu kubeka ugibe, kepha owethemba uJehova uyalondeka.


“Washaywa luvalo ngobani, wamesaba, waze waqamba amanga, awangikhumbula, futhi ungakubekanga enhliziyweni yakho, na? Angithi njengokuba ngithulile kwasendulo, awungesabi, na?


Wangiyenga, Jehova, ngayengeka; wawunamandla kunami, wangahlula. Ngibe yinhlekiso usuku lonke, bonke bangiklolodela.


Bheka, bonke abesifazane abasele endlini yenkosi yakwaJuda bayakukhishelwa izikhulu zenkosi yaseBabele; bheka, bayakuthi: “ ‘Abahlobo bakho abakhulu bakududile, bakwahlula; kepha lapho izinyawo zakhe zishone exhaphozini, babuyele emuva.’


USedekiya inkosi wayesethi: “Bhekani, usesandleni senu, ngokuba inkosi ayinamandla okuphambana nani ngalutho.”


Insali yabantu ababesala emzini, nabahlubuki ababehlubukela kuye, nensali yabantu abaseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumbela eBabele.


Nokho abaningi nasezikhulwini bakholwa nguye, kodwa ngenxa yabaFarisi abakuvumanga, funa bakhishwe esinagogeni;*


Kwathi lapho izinhliziyo zabo sezesasile, bathi: “Mbizeni uSamsoni ukuba asidlalele.” Bambiza uSamsoni esetilongweni, wadlala phambi kwabo, bambeka phakathi kwezinsika.


Wayeseshesha ebiza udibi olwaluphethe izikhali zakhe, wathi kulo: “Hosha inkemba yakho, ungibulale ukuba abantu bangasho ngami ukuthi: ‘Wabulawa ngowesifazane.’ ” Udibi lwakhe lwase lumgwaza, wafa.


USawule wayesethi kuSamuweli: “Ngonile, ngokuba ngeqile isiyalezo sikaJehova namazwi akho, lokhu ngesaba abantu, ngalalela izwi labo.


USawule wayesethi odibini lwezikhali zakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo, funa labo abangasokile bafike, bangigwaze, bangone.” Kepha aluvumanga udibi lwezikhali zakhe, ngokuba lwesaba kakhulu. Ngalokho uSawule wayithatha inkemba, wawela phezu kwayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ