Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 37:7 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Niyakusho kanje enkosini yakwaJuda eyanithuma kimi ukubuza kimi, nithi: ‘Bheka, impi kaFaro ephume ukunisiza iyakubuyela eGibithe, izwe lakubo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

7 “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: niyakusho kanje enkosini yakwaJuda enithumileyo ukuba nizobuza kimi, nithi: ‘Uyabona-ke, impi kaFaro ephume ukuzonisiza izophenduka ibuyele ezweni lakubo eGibhithe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Nakhu eniyakukusho enkosini yakwaJuda othumele kimi ukubuza kimi; bheka, impi kaFaro eyaphuma ukunisiza iyakubuyela ezweni layo eGibithe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 37:7
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kepha enkosini yakwaJuda eyanithuma ukubuza kuJehova niyakusho kuyo kanje, nithi: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Maqondana namazwi owezwileyo,


Inkosi yaseGibithe ayiphindanga futhi ukuphuma ezweni lakubo, ngokuba inkosi yaseBabele yayithathile konke okwakungokwenkosi yaseGibithe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni u-Ewufrathe.


Akukho ukuhlakanipha, akukho ukuqonda, nesiluleko, okungamelana noJehova.


IGibithe lisiza ngeze nangento engelutho; ngalokho ngilibize ngokuthi iRahabi elihlezi lithule.


Bheka, wethemba udondolo lwalo mhlanga ofecekileyo oyiGibithe; kepha uma umuntu ezimelela ngalo, luyangena esandleni sakhe, lusihlabe; unjalo uFaro inkosi yaseGibithe kubo bonke abamethembayo.


Manje unani endleleni eya eGibithe ukuba uphuze amanzi aseSihori, na? Unani endleleni eya e-Asiriya ukuba uwaphuze amanzi omfula na?


Usheshelani kangaka ukuyiguqula indlela yakho na? Uyakujabha nangeGibithe, njengalokho wajabhiswa yi-Asiriya.


Uyakuphuma nalapho, izandla zakho zisekhanda, ngokuba uJehova uyabalahla obethembayo, awuyikuphumelela kubo.


Izwi elafika kuJeremiya, livela kuJehova, ekuthumeni kwenkosi uSedekiya uPhashuri indodana kaMalikhiya noZefaniya indodana kaMahaseya, umpristi, kuye ethi:


“Ake usibuzele kuJehova, ngokuba uNebukadinesari inkosi yaseBabele usihlasele; mhlawumbe uJehova angenza kithi njengazo zonke izimangaliso zakhe ukuba akhuphuke, asuke kithi.”


USedekiya inkosi wathuma uJehukali, indodana kaShelemiya, noZefaniya, indodana kaMahaseya, umpristi, kumprofethi uJeremiya, wathi: “Ake usikhulekele kuJehova uNkulunkulu wethu.”


Impi kaFaro yayisiphumile eGibithe; lapho amaKaledi avimbezela iJerusalema ekuzwa, akhuphuka eJerusalema.


Lase lifika izwi likaJehova kumprofethi uJeremiya, lithi:


IJerusalema liyakhumbula ezinsukwini zokuhlupheka kwalo nezinsizi zalo konke okuhle okwakukhona ezinsukwini zasendulo; lapho abantu balo bewela esandleni sezitha, kungekho olisizayo, abamelene nalo balibona, bahleka ukuchithwa kwalo.


Amehlo ethu ayaphela ukubheka usizo lwethu oluyize; ekulindeni kwethu silindela isizwe esingenakusindisa.


UFaro akayikumenzela impi enkulu nebandla elikhulu empini, lapho benqwabela iduli, bakhe izinqaba, ukuze banqume abantu abaningi.


Alisayikuba yithemba kuyo indlu yakwa-Israyeli, likhumbuza ngokona lapho bebaphendukela, bazi ukuthi ngiyiNkosi uJehova.’ ”


Ngalokho isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Bheka, ngimelene noFaro inkosi yaseGibithe; ngiyakwaphula izingalo zakhe, eqinileyo neyaphukileyo, ngenze ukuba inkemba iwe esandleni sakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ