Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 37:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Kepha yena nezinceku zakhe nabantu bezwe abawalalelanga amazwi kaJehova awakhulumayo ngesandla sikaJeremiya umprofethi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 Kepha uZedekiya, izinceku zakhe, nabantu bezwe abawalalenga amazwi kaSimakade awakhuluma ngomlomo kaJeremiya, umphrofethi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Kepha yena nezinceku zakhe nabantu bezwe abawalalelanga amazwi kaJehova awakhuluma ngomprofethi uJeremiya.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 37:2
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UDavide wathi: “Ngiyakumenzela umusa uHanuni indodana kaNahashi, njengalokho uyise angenzela umusa.” UDavide wayesethuma ngesandla sezinceku zakhe ukumduduza ngoyise. Zafika-ke izinceku zikaDavide ezweni labantwana bakwa-Amoni.


Wathuma ngesandla sikaNathani umprofethi, wambiza ngokuthi uJedidiya* ngenxa kaJehova.


Wonke u-Israyeli wammbela, wamlilela njengezwi likaJehova alikhulumayo ngesandla senceku yakhe u-Ahiya umprofethi.


Kwafika ngesandla somprofethi uJehu indodana kaHanani izwi likaJehova ngoBahasha nendlu yakhe ngenxa yakho konke okubi akwenza emehlweni kaJehova ukuthi wamcunula ngomsebenzi wezandla zakhe, waba njengendlu kaJerobowamu, nangenxa yokuba wayiqothula.


USedekiya wayeneminyaka engamashumi amabili nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema.


Kepha wathi: “O Nkosi, ake uthume ngesandla salowo ozakumthuma.”


Othuma izwi ngesandla sesiwula unquma izinyawo zakhe, uphuza ingozi.


Uma umbusi elalela indaba yamanga, zonke izinceku zakhe zimbi.


“Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Hamba usho kuSedekiya inkosi yakwaJuda, uthi kuye: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakuwunikela lo muzi esandleni senkosi yaseBabele, iwushise ngomlilo.


“ ‘Wena sikhulu sakwa-Israyeli, shinga elibulawayo, elilusuku lwakho lufika ngesikhathi sokuphela kobubi,


Ngikhulumile kubaprofethi, ngandisile imibono, ngifanekisile ngesandla sabaprofethi.”


U-Aroni namadodana akhe benza konke uJehova ayale ngakho ngesandla sikaMose.


Ngakho-ke owalayo akali umuntu, kepha wala uNkulunkulu, yena oninika uMoya wakhe oNgcwele.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ