Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 36:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Kwathi ngomnyaka wesihlanu kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, ngenyanga yesishiyagalolunye bonke abantu baseJerusalema nabo bonke abantu ababevela emizini yakwaJuda beza eJerusalema, bamemezela ukuzila ukudla phambi kukaJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Kwathi ngonyaka wesihlanu wokubusa kukaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, ngenyanga yesishiyagalolunye, bonke abantu baseJerusalema nabo bonke ababevela emizini yakwaJuda, beza eJerusalema, bamemezela ukuzila phambi kukaSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Kwathi ngomnyaka wesihlanu kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, ngenyanga yesishiyagalolunye, bamemezela ukuzila ukudla phambi kukaJehova kubo bonke abantu baseJerusalema nakubo bonke abantu ababevela ezweni. Imizi yedolobha. UJuda eJerusalema.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 36:9
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UJehoshafati wayeseshaywa luvalo, wabhekisa ubuso bakhe ukumfuna uJehova, wamemezela ukuzila ukudla kulo lonke lwakwaJuda.


Ngosuku lwamashumi amabili nane lwaleyo nyanga abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bazila ukudla benezindwangu zamasaka nothuli phezu kwabo.


“Hambani nibuthe bonke abaJuda abakhona eShushani, ningizilele ukudla, ningadli, ningaphuzi izinsuku ezintathu ubusuku nemini; nami nezintombi zami siyakuzila kanjalo, ngingene enkosini noma kungengamthetho; uma ngibhubha, mangibhubhe.”


Kwathi ngomnyaka wesine kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, leli zwi lafika kuJeremiya livela kuJehova, lathi:


Inkosi yayihlezi endlini yobusika ngenyanga yesishiyagalolunye, iziko elivuthayo liphambi kwayo.


Hamba wena, ufunde emqulwini owulobileyo, uthathe emlonyeni wami, amazwi kaJehova ezindlebeni zabantu endlini kaJehova ngosuku lokuzila ukudla, uwafunde nasezindlebeni zabo bonke abakwaJuda abavela emizini yakubo.


Bhincani, nikhale, bapristi, nihhewule, nina zikhonzi ze-altare; wozani nilale bonke ubusuku ezindwangwini zamasaka, zikhonzi zikaNkulunkulu wami, ngokuba iminikelo yempuphu neminikelo yokuphuzwa kugodliwe endlini kaNkulunkulu wenu.


Ngcwelisani ukuzila ukudla, nibize umhlangano; buthani amalunga, yebo, bonke abakhe ezweni, endlini kaJehova uNkulunkulu wenu, nikhale kuJehova.


“Kepha ngolweshumi lwaleyo nyanga yesikhombisa kulusuku lokubuyisana; anoba nomhlangano ongcwele, nithobise imiphefumulo yenu, ninikele ngomnikelo womlilo kuJehova.


Abantu baseNineve bakholwa nguNkulunkulu; bamemezela ukuzila ukudla, bembatha izindwangu zamasaka, kusukela kwabakhulu babo kwaze kwaba kwabancane.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Ukuzila kwenyanga yesine, nokuzila kweyesihlanu, nokuzila kweyesikhombisa, nokuzila kweyeshumi kuyakuba ngukujabula nokuthokoza nemikhosi emihle kuyo indlu yakwaJuda; thandani iqiniso nokuthula.”


Base bekhuphuka bonke abantwana bakwa-Israyeli, abantu bonke, bafika eBethele, bakhala, bahlala khona phambi kukaJehova, bazila ukudla ngalolo suku kwaze kwahlwa; banikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaJehova.


Babuthana eMispa, bakha amanzi, bawathulula phambi kukaJehova, bazila ngalolo suku, bathi khona: “Sonile kuJehova.” USamuweli wahlulela abantwana bakwa-Israyeli eMispa.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ