Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 34:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Hamba usho kuSedekiya inkosi yakwaJuda, uthi kuye: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakuwunikela lo muzi esandleni senkosi yaseBabele, iwushise ngomlilo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: hamba uye kuZedekiya, inkosi yakwaJuda, uyothi kuye: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: bheka, ngizakuwunikela lo muzi esandleni senkosi yaseBhabhele, eyakuwungqongqisa ngomlilo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Hamba, ukhulume kuSedekiya, inkosi yakwaJuda, uthi kuye: ‘Isho kanje iNkosi, ithi; bheka, ngiyawunikela lo muzi esandleni senkosi yaseBabele, futhi izowushisa ngomlilo.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 34:2
14 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe, ngenyanga yeshumi ngolweshumi lwenyanga, uNebukadinesari inkosi yaseBabele wafika, yena nayo yonke impi yakhe, eJerusalema, wamisa malungana nalo; bakha inqaba ngakulo nxazonke.


Washisa indlu kaJehova nendlu yenkosi; nazo zonke izindlu zaseJerusalema, zonke izindlu ezinkulu, wazishisa ngomlilo.


Ngokuba ngibhekise ubuso bami kulo muzi kube kubi, kungabi kuhle, usho uJehova; uyakunikelwa esandleni senkosi yaseBabele, iwushise ngomlilo.’


‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakubuyisa izikhali zokulwa ezisezandleni zenu, enilwa ngazo nenkosi yaseBabele namaKaledi anivimbezelayo ngaphandle kogange, ngizibuthe phakathi nalo muzi.


‘Ziyakuyiswa eBabele, zibe khona, kuze kufike usuku lokuzihambela kwami,’ usho uJehova. ‘Bese ngizikhuphula, ngizibuyisele kule ndawo.’ ”


lapho uSedekiya inkosi yakwaJuda ebemvalele khona ngokuthi: “Uprofethelani uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakuwunikela lo muzi esandleni senkosi yaseBabele, iwuthathe,


Bheka, ngiyakubayala, usho uJehova, ngibabuyisele kulo muzi; bayakulwa nawo, bawuthathe, bawushise ngomlilo, ngenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo ingahlalwa muntu.”


“Bayakukhiphela amaKaledi bonke abafazi bakho nabantwana bakho; awuyikuphunyuka esandleni sabo, kepha uyakubanjwa ngesandla senkosi yaseBabele, wenze ukuba lo muzi ushiswe ngomlilo.”


AmaKaledi ashisa indlu yenkosi nezindlu zabantu ngomlilo, azidiliza izingange zaseJerusalema.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ