Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 33:4 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Ngokuba usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezindlu zalo muzi nangezindlu zamakhosi akwaJuda ezidilizelwe ukuzivikela kuwo amaduli nenkemba, uthi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

4 Ngokuba usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ngezindlu zalo muzi nangezigodlo zamakhosi akwaJuda ezidiliziwe ukuze kwakhiwe indunduma yokuvikela ekuhlaselweni nasenkembeni, uthi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuba usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngezindlu zalo muzi nangezindlu zamakhosi akwaJuda adilizwe izintaba nangenkemba;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 33:4
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Nazibala izindlu zaseJerusalema, nazidiliza izindlu ukuba niluqinise ugange.


Emhlabathini wabantu bami kuyakumila amakhakhasi nameva, yebo, kuzo zonke izindlu zokujabula emzini ojabulayo,


ngokuba izindlu zamakhosi zilahliwe, nomuzi onabantu abaningi ushiyiwe; igquma nombhoshongo kuyakuba yimihume kuze kube phakade, nenjabulo yezimbongolo zasendle, nedlelo lemihlambi,


“Bheka, amaduli asefike emzini ukuba umuzi uthathwe; ngenxa yenkemba nendlala nesifo umuzi unikelwe esandleni samaKaledi alwa nawo; kwenzekile owakukhulumayo; bheka, usuyakubona.


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Gawulani imithi yayo, ninqwabele iduli ngakulo iJerusalema. Yiwo umuzi oyakuhanjelwa, ungukucindezela kuphela phakathi kwawo.


INkosi yalilahla i-altare layo, yanengwa yindlu yayo engcwele, yanikela izingange zezindlu zayo zamakhosi esandleni sesitha. Ziphakamise izwi endlini kaJehova njengasosukwini lomkhosi omisiweyo.


Kwesokunene sayo kukhona inkatho iJerusalema ukuba kubekwe izinqama zokungqubuza, kuvulwe umlomo ngokumemeza, kuphakanyiswe izwi ngokukhala, ukuze kubekwe izinqama zokungqubuza emasangweni, kunqwatshelwe amaduli, kwakhiwe izinqaba.


Uyakubulala amadodakazi akho endle ngenkemba, enze inqaba ngakuwe, akunqwabele iduli, akumisele ihawu.


uwuvimbezele, wakhe inqaba ngakuwo, uwunqwabele iduli, umise amakamu* ngakuwo, ubeke ngakuwo nxazonke izinqama zokungqubuza.


Yebo, sibhinqa amakhosi, nababusi balusulu kuso; sihleka zonke izinqaba, sinqwabela uthuli, sizithathe.


Imithi oyaziyo ukuthi ayisiyo imithi yokudla, yiyona kuphela oyakuyichitha, uyigawule, wakhe izinqaba ngasemzini olwa nawe, uze uwe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ