Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 33:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Usho kanje uJehova okwenzayo, uJehova okubumbayo ukuba akuqinise, nguJehova igama lakhe, uthi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 “Usho kanje uSimakade owenza umhlaba, wawubumba, wawumisa, nguSimakade igama lakhe, uthi:

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Usho kanje uJehova, uMenzi wako, uJehova owakubumbayo, ukuba akuqinise; nguJehova igama lakhe;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 33:2
21 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngokuba uJehova ulakhile iSiyoni, ubonakele enkazimulweni yakhe;


Kuyakuthiwa ngeSiyoni: “Yilo nalo wazalelwa khona; oPhezukonke uyaliqinisa.”


UJehova uyindoda yempi; nguJehova igama lakhe.


ngabonakala ku-Abrahama, naku-Isaka, nakuJakobe njengoSomandla, kepha ngegama lami lokuthi uJehova ngangingaziwa kubo.


Izithunywa zesizwe ziyakuphendulwa ngokuthini na? Ukuthi nguJehova obeke isisekelo eSiyoni; abahluphekayo babantu bakhe bayakuphephela kulo.


“Awuzwanga ukuthi kade ngakwenza na? Emihleni yasendulo ngakunquma; manje sengikulethile ukuba uchithe imizi ebiyelweyo ibe yizinqwaba.


“NginguJehova; yilo igama lami; angiyikunika omunye inkazimulo yami, nezithombe ezibaziweyo udumo lwami.


Kepha manje usho kanje uJehova owakudalayo wena Jakobe, nowakubumba wena Israyeli, uthi: “Ungesabi ngokuba ngikuhlengile, ngikubizile ngegama lakho; ungowami.


laba bantu engizenzele bona ukuba bashumayele udumo lwami.


futhi ningamniki ukuphumula, aze akhe iJerusalema, alibeke libe yindumiso emhlabeni.


Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo, ngokuba nguye obumbile konke; u-Israyeli uyisizwe sefa lakhe, nguJehova Sebawoti igama lakhe.


“Ngalokho bheka, ngiyakubazisa, ngibazise ngalesi sikhathi isandla sami namandla ami, baze bazi ukuthi igama lami linguJehova.


wena owenza umusa kubo abayizinkulungwane, ophindisela ububi bawoyise esifubeni sabantwana babo emva kwabo, ogama lakho linguNkulunkulu omkhulu oyiqhawe, uJehova Sebawoti,


Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo, ngokuba nguye obumbile konke, yebo, nesizwe sefa lakhe; nguJehova Sebawoti igama lakhe.


nimfune owenza isiLimela neMpambano, ophendula ithunzi lokufa libe ngukusa, ayenze imini ibe mnyama njengobusuku, obiza amanzi olwandle, awathululele ebusweni bomhlaba nguJehova igama lakhe


yiyona ewakhayo amakamelo ayo aphezulu ezulwini, isekele igobela lawo emhlabeni; yiyona ewabizayo amanzi olwandle, iwathululele ebusweni bomhlaba; nguJehova igama layo.


ngokuba wayebheke umuzi onezisekelo, omakhi nomenzi wawo nguNkulunkulu.


kepha manje balangazelela elihle kunalelo, okungukuthi elasezulwini. Ngalokho uNkulunkulu akanamahloni ngabo ukuba abizwe ngokuthi uNkulunkulu wabo, ngokuba ubalungisele umuzi.


Yamuka nami ngikuMoya, yaya entabeni enkulu nephakemeyo, yangikhombisa umuzi ongcwele waseJerusalema wehla ezulwini kuNkulunkulu,


Ngabona umuzi ongcwele, iJerusalema elisha, wehla uvela ezulwini kuNkulunkulu, ulungisiwe njengomlobokazi ohlotshiselwe umyeni wakhe.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ