Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 32:9 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Ngayithenga insimu ese-Anathoti kuHanameli indodana kababekazi, ngamlinganisela imali, amashekeli* ayishumi nesikhombisa esiliva.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

9 Ngayithenga-ke insimu ese-Anathothi kuHanameli, indodana yomfowabo kababa, ngamkalela isiliva, kwaba ngamashekeli esiliva ali-17.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Ngasithenga isiqinti kuHanameli indodana kababekazi owayese-Anathoti, ngamlinganisela imali, amashekeli ayishumi nesikhombisa esiliva.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 32:9
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi amakamela eseqedile ukuphuza, indoda yathatha icici legolide, isisindo salo siyinxenye yeshekeli,* namasongo amabili ezandla zayo, isisindo sawo singamashekeli ayishumi egolide, yathi:


Kwase kudlula abathengi bakwaMidiyani; bamdonsa uJosefa, bamkhuphula emgodini, bathengisa ngoJosefa kwabakwa-Ishmayeli ngezinhlamvu ezingamashumi amabili zesiliva. Labo-ke bamusa uJosefa eGibithe.


Kwathi inkosi isidlula, wamemeza enkosini, wathi: “Inceku yakho yaphumela phakathi kokulwa; bheka, kwabuya umuntu owaletha kimi omunye, wathi: ‘Linda lo muntu; uma elahleka, ukuphila kwakho kuyakuba sesikhundleni sokuphila kwakhe, noma uyakukhokha italenta* lesiliva.’


Kepha ababusi bokuqala ababe phambi kwami babebathwesile abantu, bathatha kubo isinkwa newayini kanye namashekeli* angamashumi amane esiliva; nezinceku zachachaza phezu kwabantu; kepha mina angenzanga kanjalo ngenxa yokumesaba uNkulunkulu.


Uma kukuhle enkosini, makulotshwe ukuba sichithwe; ngiyakukhokhela amatalenta* ayizinkulungwane eziyishumi esiliva ezandleni zabenza umsebenzi wenkosi, ayiswe esikhwameni senkosi.”


Uma inkabi iqhubukusha isigqila noma isigqilakazi, uyakunika inkosi yaso amashekeli* angamashumi amathathu esiliva, inkabi ikhandwe ngamatshe.


Niyichithelani imali kukho okungesiso isinkwa, nenzuzo yenu kukho okunganelisiyo, na? Ngilaleleni nokungilalela, nidle okuhle, umphefumulo wenu ujabule ngamanoni.


Ukudla kwakho oyakukudla kuyakuba ngesilinganiso, amashekeli* angamashumi amabili ngosuku, ukudle izikhathi ngezikhathi.


Ngase ngizithengela yena ngezinhlamvu eziyishumi nanhlanu zesiliva, nangehomere* lebhali,* nangenxenye yehomere lebhali,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ