Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 32:44 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

44 Amasimu ayakuthengwa ngemali, kulotshwe encwadini, kunamatheliswe, kufakazelwe ngofakazi ezweni lakwaBenjamini, nasemaphethelweni aseJerusalema, nasemizini yakwaJuda, nasemizini yasezintabeni, nasemizini yasehlanzeni, nasemizini yaseningizimu, ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwabo, usho uJehova.”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

44 Amasimu ayakuthengwa ngesiliva, kulotshwe encwadini, isicilelwe, kube nofakazi ezweni lakwaBhenjamini, nasemaphethelweni eJerusalema, emizini yakwaJuda, emizini ekwelezintaba, emizini esehlanzeni, nasemizini eseNegevu, ngokuba ngibabuyise ekuthunjweni,” kusho uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

44 Abantu kumelwe bathenge amasimu ngemali futhi basayine izincwadi futhi babeke uphawu, futhi bathathe ofakazi ezweni lakwaBenjamini nasezindaweni ezizungezile eJerusalema nasemizini yakwaJuda nasemizini yasezintabeni nasemizini yasesigodini nasemadolobheni asesigodini. Imizi yaseningizimu, ngokuba ngiyakushintsha isabelo sayo,” usho uJehova.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 32:44
17 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

ogcwalisa izwi lenceku yakhe, afeze ukululekana kwezithunywa zakhe, oshoyo ngalo iJerusalema, athi: ‘Liyakuba nabantu,’ nangemizi yakwaJuda ukuthi: ‘Iyakwakhiwa, ngibuye ngivuse incithakalo yakhona;’


Imizi yaseningizimu ivaliwe, akakho ovulayo; wonke uJuda uthunjiwe, uthunjiwe ngokupheleleyo.


Bayakufika bephuma emizini yakwaJuda, nasemaphandleni aseJerusalema, nasezweni lakwaBenjamini, nasehlanzeni, nasezintabeni, naseningizimu, beletha iminikelo yokushiswa, nemihlatshelo, neminikelo yempuphu, nenhlaka, befika neminikelo yokubonga endlini kaJehova.


“Usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Bheka, ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwamatende kaJakobe, ngiwahawukele amakhaya akhe; umuzi uyakwakhiwa enxiweni lawo, indlu yamakhosi ihlale njengokufaneleyo.


Ngokuba bheka, izinsuku ziyeza,’ usho uJehova, ‘lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami o-Israyeli noJuda,’ usho uJehova, ‘ngibabuyisele ezweni engalinika oyise ukuba balidle.’ ”


Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bayakubuye basho leli zwi ezweni lakwaJuda nasemizini yalo, lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabo, lokuthi: ‘UJehova makakubuyise wena khaya lokulunga, ntaba yobungcwele.’


Ngaloba incwadi, ngayinamathelisa, ngazifakazisela, ngamlinganisela imali ngesilinganiso.


Bheka, ngiyakubabutha emazweni onke lapho ngibaxoshele khona ngentukuthelo yami, nangokufutheka kwami, nangolaka olukhulu, ngibabuyisele kule ndawo, ngibenze ukuba bahlale belondekile,


izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, izwi labathi: “ ‘ “Bongani uJehova Sebawoti, ngokuba uJehova muhle, ngokuba umusa wakhe umi phakade,” “ ‘nelabaletha iminikelo yokubonga endlini kaJehova. Ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwezwe njengakuqala,’ usho uJehova.


Emizini yasezintabeni, nasemizini yasehlanzeni, nasemizini yaseningizimu, nasezweni lakwaBenjamini, nasemaphethelweni aseJerusalema, nasemizini yakwaJuda izimvu ziyakubuye zidlule phansi kwezandla zozibalayo,’ usho uJehova.


ngiyakulahla inzalo kaJakobe nekaDavide inceku yami, ukuze ngingathathi enzalweni yakhe ababusi benzalo ka-Abrahama, neka-Isaka, nekaJakobe, ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwabo, ngibahawukele.’ ”


Ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kukaJuda nokuthunjwa kuka-Israyeli, ngibakhe njengakuqala.


Abaseningizimu bayakudla ifa lentaba yakwa-Esawu, nabasehlanzeni ifa lamaFilisti, badle ifa lezwe lakwa-Efrayimi nezwe laseSamariya, uBenjamini adle iGileyadi.


Abathunjwa bale mpi yabantwana bakwa-Israyeli abaphakathi kwamaKhanani kuze kube seSarefati nabathunjwa baseJerusalema abaseSefaradi bayakudla ifa lemizi yaseningizimu.


Ugu luyakuba ngolwensali yendlu yakwaJuda, yaluse kulo; ezindlini zase-Ashikeloni bayakubuthisa kusihlwa, ngokuba uJehova uNkulunkulu wabo uyakubahambela, abuyise ukuthunjwa kwabo.


Akusiwo lawa mazwi uJehova awamemezayo ngesandla sabaprofethi bokuqala, lapho iJerusalema lalakhiwe lisabusa, nalapho imizi yalo nxazonke zalo nelaseningizimu nehlanze kwakwakhiwe, na?’ ”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ