Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 32:41 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

41 Ngiyakuthokoza ngabo, ngibenzele okuhle, ngibatshale ngeqiniso kuleli zwe ngayo yonke inhliziyo yami nangawo wonke umphefumulo wami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

41 Ngiyakuthokoza ngabo, ngibenzele okuhle, ngibatshale ngeqiniso kuleli lizwe, ngayo yonke inhliziyo yami, nangawo wonke umphefumulo wami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

41 Yebo, ngiyakuthokoza ngabo ukuba ngibenzele okuhle, ngibatshale nokutshala kuleli zwe ngayo yonke inhliziyo yami nangawo wonke umphefumulo wami.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 32:41
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wakhipha umvini eGibithe, waxosha abezizwe, watshala wona.


Abantu bakho bayakuba ngabalungileyo bonke, badle ifa lezwe kuze kube phakade, igatsha lokutshala kwami, umsebenzi wezandla zami, ukuba ngidunyiswe.


Awusayikuthiwa Oshiyiweyo, nezwe lakini alisayikuthiwa iNcithakalo, kepha uyakubizwa ngokuthi Ontokozo yami ikuye, nezwe lakini ngokuthi Oganileyo, ngokuba uJehova uyathokoza ngawe, nezwe lakini lendile.


Ngokuba njengensizwa iganwa yintombi, kanjalo amadodana akho ayakuganwa nguwe; nanjengokuthokoza komyeni ngomakoti wakhe uNkulunkulu wakho uyakuthokoza ngawe.


Ngiyakwethaba ngeJerusalema, ngijabule ngabantu bami, kungabe kusezwakala izwi lokulila nezwi lokukhala.


Ngesinye isikhathi ngikhuluma ngesizwe nangombuso ukuwakha nokuwutshala;


Ngiyakuwabhekisa amehlo ami kubo, kube kuhle, ngibabuyisele kuleli zwe, ngibakhe ngingabadilizi, ngibatshale ngingabasiphuli.


Kuyakuthi njengalokhu ngibalindile ukuba ngibasiphule, ngibadilize, ngibabhidlize, ngibachithe, ngibahluphe, kanjalo ngiyakubalinda ukuba ngibakhe, ngibatshale,” usho uJehova.


Seziyakwazi izizwe ezisele nxazonke zenu ukuthi mina Jehova ngakhile izindawo ezidiliziweyo, ngatshala lokhu okukade kwakuyincithakalo; mina Jehova ngikhulumile, ngiyakukwenza.’


Ngiyakuba njengamazolo ku-Israyeli; uyakukhahlela njengomnduze, enabise izimpande zakhe njengeLebanoni.


Ngiyakubatshala ezweni labo, bangabe besasishulwa ezweni labo engibanike lona,” usho uJehova uNkulunkulu wakho.


Ngubani onguNkulunkulu onjengawe othethelela insali yefa lakho ububi bayo, uyiyekele isiphambeko sayo, na? Akabambeleli entukuthelweni yakhe kuze kube phakade, ngokuba wenamela umusa.


UJehova uNkulunkulu wakho uphakathi kwakho, iqhawe eliyakukusindisa; uyakujabula ngawe ngentokozo, athule othandweni lwakhe, ethabe ngawe ngokuhlabelela.”


Kuyakuthi njengalokho uJehova wayejabula ngani ukunenzela okuhle nokunandisa, kanjalo uJehova ajabule ngani ukwenza ukuba nibhubhe, niqothulwe, nisishulwe ezweni eningena kulo ukulidla.


UJehova uNkulunkulu wakho uyakukwandisa emisebenzini yonke yesandla sakho, nasenzalweni yesisu sakho, nasenzalweni yezinkomo zakho, nasezithelweni zomhlabathi wakho, kube kuhle, ngokuba uJehova uyakubuye athokoze ngawe ukuba kube kuhle njengokuthokoza kwakhe ngawoyihlo,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ