Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 32:40 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

40 Ngiyakwenza nabo isivumelwano esiphakade, ukuze ngingabuyi ekubalandeleni, ngibenzele okuhle, ngibeke ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

40 Ngiyakwenza nabo isivumelwano esimi phakade, ngingayeki ukubenzela okuhle, ngiyakubeka ezinhliziyweni zabo ukungesaba, ukuze bangasuki kimi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

40 Ngiyakwenza nabo isivumelwano esiphakade, ukuthi angiyikusuka kubo ukuba ngibenzele okuhle; kepha ngiyakufaka ukungesaba ezinhliziyweni zabo, ukuze bangasuki kimi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 32:40
27 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

unjengokukhanya kwasekuseni ekuphumeni kwelanga, isasa elingenamafu, lapho kuvela ekukhanyeni uhlaza emhlabathini emva kwemvula.’


Sibuyise, Jehova Nkulunkulu Sebawoti; ukhanyise ubuso bakho, khona siyakusindiswa.


Umhlaba wonakalisiwe phansi kwabakhileyo kuwo, ngokuba beqile imithetho, badlulile ezimisweni, baphulile isivumelwano esiphakade.


Bekani izindlebe, nize kimi, nizwe, uyakuphila umphefumulo wenu; ngiyakwenza nani isivumelwano esiphakade, izenzo zomusa oqinisekileyo zikaDavide.


“Ngokuba mina Jehova ngithanda ukulunga, ngizonda ukuphanga kanye nokubi; ngiyakubanika umvuzo wabo ngeqiniso, ngenze isivumelwano esiphakade nabo.


Ngiyakubanika inhliziyo yokungazi ukuthi nginguJehova; bayakuba ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wabo, ngokuba bayakubuyela kimi ngenhliziyo yabo yonke.


abasayikufundisana, kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe, kube yilowo nalowo umfowabo, ngokuthi: ‘Yazi uJehova,’ ngokuba bonke bayakungazi, kusukela kwabancane kuya kwabakhulu babo,” usho uJehova, “ngokuba ngiyakuthethelela ububi babo, nesono sabo angisayikusikhumbula.”


Bayakubuza indlela yaseSiyoni, ubuso babo bubhekene nalo, bethi: Wozani nizihlanganise noJehova ngesivumelwano esiphakade esingenakukhohlakala.


Ngiyakuninika inhliziyo entsha, ngifake phakathi kwenu umoya omusha, ngikhiphe inhliziyo yetshe enyameni yenu, ngininike inhliziyo yenyama.


Ngiyakufaka umoya wami phakathi kwenu, ngenze ukuba nihambe ngezimiso zami; niyakugcina izahlulelo zami, nizenze.


Ngiyakwenza isivumelwano sokuthula nabo, sibe yisivumelwano esiphakade nabo; ngiyakubamisa, ngibandise, ngibeke indlu yami engcwele phakathi kwabo kuze kube phakade.


angisayikusitheza ubuso bami kubo, ngokuba ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwendlu yakwa-Israyeli, isho iNkosi uJehova.”


Ngokuba bonke abantu bahamba, kube yilowo nalowo ngegama likankulunkulu wakhe, kepha thina siyakuhamba ngegama likaJehova uNkulunkulu wethu kuze kube phakade naphakade.


Qinani, nime isibindi, ningesabi, ningashaywa luvalo ngabo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho nguyena ohamba nawe; akayikukuyeka, akushiye.”


UJehova nguye ohamba phambi kwakho; uyakuba nawe; akayikukuyeka, akushiye; ungesabi, ungabi nangebhe.”


Kepha uNkulunkulu wokuthula owakhuphula kwabafileyo umalusi omkhulu wezimvu ngegazi lesivumelwano esimiyo njalo, iNkosi yethu uJesu,


Ngakho-ke masesabe ukuba, kuthi kusekhona isithembiso sokungena ekuphumuleni kwakhe, kungabikho noyedwa kini obonakala esele emuva.


kepha yena, ngenxa yokuba ehlala phakade, unobupristi obungenakuguquka;


Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla kuYise wokukhanya okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.


nina enilondolozwa ngamandla kaNkulunkulu ngokukholwa ukuba nibe nokusindiswa okulungiselwe ukwambulwa ngesikhathi sokugcina;


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ