Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 32:34 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Kepha bazibeka izinengiso zabo endlini ebizwa ngegama lami ukuba bayingcolise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

34 Kepha babeka izinengiso zabo endlini ebizwa ngeGama lami, ukuba bayingcolise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Kodwa bamisa izinengiso zabo endlini ebizwa ngebizo lami, ukuze bayingcolise.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 32:34
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

UManase wayeneminyaka eyishumi nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nanhlanu eJerusalema; igama likanina lalinguHefisiba.


Yakhipha u-Ashera* endlini kaJehova, yamkhiphela phandle kweJerusalema, yamyisa ngasemfudlaneni iKidroni, yamshisa ngasemfudlaneni iKidroni, yamcolisisa waba yincushuncushu, yayiphonsa incushuncushu yakhe emathuneni abantu nje.


Wasusa onkulunkulu babezizwe nesithombe endlini kaJehova, nawo onke ama-altare ayewakhile entabeni yendlu kaJehova naseJerusalema, wakulahla ngaphandle komuzi.


Zonke izikhulu zabapristi nabantu baphambuka kakhulu ngezinengiso zabezizwe, bayingcolisa indlu kaJehova ayingcwelisileyo eJerusalema.


Ngokuba bangishiyile, benze le ndawo ukuba ibe ngeyabezizwe, bashisela abanye onkulunkulu impepho kuyo, abangabazanga, bona nawoyise namakhosi akwaJuda, bagcwalisa le ndawo ngegazi labangenacala,


“Ngokuba nabaprofethi nabapristi abanaNkulunkulu; nasendlini ngifumene okubi kwabo,” usho uJehova.


Zonke izithandwa zakho zikukhohliwe, azisakufuni, ngokuba ngikushayile ngokushaywa kwezitha, ngokulaywa kononya, ngenxa yobuningi bokona kwakho, nangokuba izono zakho zandile.


Nina-ke seniphendukile namuhla, nenza okulungile emehlweni ami ngokumemezela ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, nenza isivumelwano ngaphambi kwami endlini ebizwa ngegama lami.


Kepha ngathuma kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngizithuma njalonjalo, ngathi: ‘Maningenzi le nto enengekayo engiyizondayo.’


bese nifika nime ngaphambi kwami kule ndlu ebizwe ngegama lami, nithi: “Sophuliwe” – nize nenze zonke lezi zinengiso, na?


“ ‘Ngokuba abantwana bakwaJuda benzile okubi emehlweni ami, usho uJehova; bazibekile izinengiso zabo endlini ebizwe ngegama lami zokuba bayingcolise.


Bakhile izindawo eziphakemeyo zaseThofeti ezisesigodini sendodana kaHinomu ukuba bashise amadodana abo namadodakazi abo ngomlilo, engingakuyalelanga nokungangenanga enhliziyweni yami.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ