Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 32:25 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 Wena Nkosi Jehova, noma umuzi unikelwe esandleni samaKaledi, washo kimi, wathi: ‘Zithengele insimu ngemali, uzifakazisele.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

25 Wena Nkosi Simakade, noma umuzi unikelwe esandleni samaKhaledi, washo kimi, wathi: ‘Zithengele insimu ngesiliva, ube nofakazi.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

25 Wathi kimi: ‘Nkosi Jehova, zithengele isiqephu sezwe ngemali, uthathe ofakazi; ngoba umuzi wanikelwa esandleni samaKaledi.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 32:25
11 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Indlela yakho yayiselwandle, nomendo wakho wawusemanzini amaningi, kodwa izinyathelo zakho zazingaziwa.


Amafu nobumnyama kuyamphahla; ukulunga nokwahlulela kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi.


Ngiyakuthuma kubo inkemba, nendlala, nesifo, baze baphele ezweni engalinika bona nawoyise.’ ”


Ngokuba usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Kuyakubuye kuthengwe izindlu namasimu nezivini kuleli zwe.’


“Bheka, amaduli asefike emzini ukuba umuzi uthathwe; ngenxa yenkemba nendlala nesifo umuzi unikelwe esandleni samaKaledi alwa nawo; kwenzekile owakukhulumayo; bheka, usuyakubona.


Lase lifika izwi likaJehova kuJeremiya, lithi:


Amasimu ayakuthengwa kuleli zwe enisho ngalo ukuthi liyincithakalo, lapho kungekho muntu nazilwane khona, nokuthi linikelwe esandleni samaKaledi.


“Wayesefika kimi uHanameli indodana kababekazi egcekeni letilongo njengezwi likaJehova, wathi kimi: ‘Ake uyithenge insimu yami ese-Anathoti elisezweni lakwaBenjamini, ngokuba ilungelo lefa lingelakho, nokuhlenga kungokwakho; zithengele lona.’ “Ngase ngazi ukuthi leli zwi lavela kuJehova.


“Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: Nina aningilalelanga ukuba nimemezele ukukhululeka, kube yilowo nalowo kumfowabo, yilowo nalowo kumakhelwane wakhe; bhekani, sengiyanimemezela ukukhululeka, usho uJehova, nginikhululele inkemba, nesifo, nendlala, nginenze ukuba nihlupheke emibusweni yonke yomhlaba.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Lokhu engikwenzayo awukwazi manje, kodwa uzakukuqonda emva kwalokhu.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ