Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 32:21 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 wabakhipha abantu bakho u-Israyeli ezweni laseGibithe ngezibonakaliso nangezimangaliso, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

21 Wabakhipha abantu bakho u-Israyeli, eGibhithe, ngezibonakaliso nangezimangaliso, ngesandla esinamandla, ngezikhwepha, nangokwesabeka okukhulu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Wakhipha abantu bakho u-Israyeli ezweni laseGibithe ngezibonakaliso, nangezimangaliso, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangokwesaba okukhulu;

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 32:21
18 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Yisiphi isizwe nesisodwa emhlabeni esinjengabantu bakho u-Israyeli, uNkulunkulu ayakuzihlengela bona ukuba babe ngabantu bakhe, azenzele igama, anenzele nina izinto ezinkulu, alenzele izwe lakini izinto ezesabekayo phambi kwabantu bakho owazihlengela bona eGibithe ezizweni nakubo onkulunkulu bazo, na?


ngokuba bayakuzwa ngegama lakho elikhulu, nangesandla sakho esinamandla, nangengalo yakho eyeluliweyo lapho ebeseza ukukhuleka kule ndlu,


Yisiphi isizwe emhlabeni esinjengabantu bakho u-Israyeli, uNkulunkulu aya ukuzihlengela bona babe ngabantu bakhe, ukukwenzela igama ngezinto ezinkulu nezesabekayo ngokuxosha abezizwe ebusweni babantu bakho owabahlenga eGibithe, na?


Wayesebakhipha benesiliva negolide, kungekho ontengezelayo emindenini yakubo.


Wayesekhipha abantu bakhe ngokujabula, abakhethiweyo bakhe ngokuthokoza.


“Kuyakuthi lapho indodana yakho ikubuza ngesikhathi esizayo, ithi: ‘Kuyini lokhu?’ wothi kuyo: ‘Ngesandla esinamandla uJehova wasikhipha eGibithe, indlu yobugqila.


Kuyakuba luphawu kuwe esandleni sakho, kube yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho, ukuze umthetho kaJehova ube semlonyeni wakho, ngokuba ngesandla esinamandla uJehova wakukhipha eGibithe.


Kodwa ngiyakwelula isandla sami, ngilishaye iGibithe ngezimangaliso engiyakuzenza phakathi kwalo, andukuba iniyeke.


UJehova wathi kuMose: “Manje usuzakubona lokho engiyakukwenza kuFaro, ngokuba ngenxa yesandla esiqinileyo uyakubayeka ukuba bahambe, nangenxa yesandla esinamandla uyakubaxosha ezweni lakhe.”


“Ngalokho yisho kubantwana bakwa-Israyeli ukuthi: ‘NginguJehova; ngizakunikhipha emithwalweni yabaseGibithe, nginikhulule ebugqileni benu, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezahlulelo ezinkulu.


owenza ukuba ingalo yakhe emangalisayo ihambe ngakwesokunene sikaMose, owahlukanisa amanzi phambi kwabo ukuba azenzele igama eliphakade;


nezibonakaliso zakhe, nezenzo zakhe owazenza phakathi kweGibithe kuFaro inkosi yaseGibithe nakulo lonke izwe lakhe,


uJehova wasikhipha eGibithe ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo, nangezenzo ezesabekayo nezinkulu, nangezibonakaliso, nangezimangaliso,


UNkulunkulu wake walinga yini ukuhamba eyozithabathela isizwe phakathi kwesinye isizwe ngezilingo, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangempi, nangesandla esinamandla, nangengalo eyeluliweyo, nangengebhe enkulu njengakho konke uJehova uNkulunkulu wenu anenzela khona eGibithe phambi kwamehlo enu, na?


izilingo ezinkulu azibonayo amehlo akho, nezibonakaliso, nezimangaliso, nesandla esinamandla, nengalo eyeluliweyo uJehova uNkulunkulu wakho akukhipha ngakho; uyakwenza kanje uJehova uNkulunkulu wakho kuzo zonke izizwe ozesabayo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ