Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 32:2 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Ngaleso sikhathi impi yenkosi yaseBabele yalivimbezela iJerusalema; uJeremiya umprofethi wayevalelwe egcekeni letilongo elalisendlini yenkosi yakwaJuda,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

2 Ngaleso sikhathi impi yenkosi yaseBhabhele yalivimbezela iJerusalema. UJeremiya, umphrofethi, wayevalelwe egcekeni labalindi elalisesigodlweni senkosi yakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngokuba impi yenkosi yaseBabele yalivimbezela iJerusalema, nomprofethi uJeremiya wayeboshiwe egcekeni letilongo elalisendlini yenkosi yakwaJuda.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 32:2
15 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe, ngenyanga yeshumi ngolweshumi lwenyanga, uNebukadinesari inkosi yaseBabele wafika, yena nayo yonke impi yakhe, eJerusalema, wamisa malungana nalo; bakha inqaba ngakulo nxazonke.


UPhalali, indodana ka-Uzayi, wayemalungana neNqubu nombhoshongo ophumeleleyo endlini yenkosi engasenhla ngasegcekeni letilongo. Emva kwakhe nguPhedaya indodana kaPharoshi.


Engikade ngazana nabo ubaxoshele kude, wangenza ngibe yisinengiso kubo; ngivalelwe, ngingephume.


lapho uSedekiya inkosi yakwaJuda ebemvalele khona ngokuthi: “Uprofethelani uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakuwunikela lo muzi esandleni senkosi yaseBabele, iwuthathe,


“Wayesefika kimi uHanameli indodana kababekazi egcekeni letilongo njengezwi likaJehova, wathi kimi: ‘Ake uyithenge insimu yami ese-Anathoti elisezweni lakwaBenjamini, ngokuba ilungelo lefa lingelakho, nokuhlenga kungokwakho; zithengele lona.’ “Ngase ngazi ukuthi leli zwi lavela kuJehova.


Izwi likaJehova lafika kuJeremiya ngokwesibili, esavalelwe egcekeni letilongo, lathi:


Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lapho uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, nayo yonke impi yakhe, nayo yonke imibuso yomhlaba ebuswa yisandla sakhe, nabantu bonke belwa neJerusalema nayo yonke imizi yalo, lathi:


UJeremiya wamyala uBaruki ngokuthi: “Ngivalelwe, anginakungena endlini kaJehova.


Izikhulu zamthukuthelela uJeremiya, zamshaya, zamfaka etilongweni endlini kaJonathani umbhali, ngokuba zaziyenze itilongo.


USedekiya inkosi wayeseyala ukuba bambeke uJeremiya egcekeni letilongo, bamnika imihla ngemihla iqebelengwane lesinkwa livela esiTaladini Sabaphekizinkwa, kwaze kwaphela isinkwa sonke emzini. UJeremiya wahlala-ke egcekeni letilongo.


UJeremiya wangena, waphuma phakathi kwabantu, ngokuba babengakamfaki etilongweni.


Base bemdonsa uJeremiya ngezintambo, bamkhipha emgodini; uJeremiya wahlala egcekeni letilongo.


Zase zimthatha uJeremiya, zamphonsa emgodini kaMalikhiya indodana yenkosi owawusegcekeni letilongo, bamehlisa uJeremiya ngezintambo. Emgodini kwakungekho manzi, udaka lodwa; uJeremiya washona odakeni.


Jabulani, nithokoze, ngokuba umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba kanjalo babazingela abaprofethi abananduleleyo.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ