Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 32:17 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 “E, Nkosi Jehova, bheka, wena wenzile izulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo; akukho lutho olukwahlulayo

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

17 “Awu, Nkosi Simakade, bheka, nguWena owenza amazulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangezikhwepha zakho, akukho lutho olulukhuni kuwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

17 O Jehova! bheka, wena wenze izulu nomhlaba ngamandla akho amakhulu nangengalo yakho eyeluliweyo; akukho lutho olunzima kuwe.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 32:17
49 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Kukhona into emahlula uJehova na? Ngalesi sikhathi emva komnyaka ngiyakubuyela kuwe, uSara abe nendodana.”


UHezekiya wakhuleka phambi kukaJehova, wathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli ohlezi phezu kwamakherubi,* wena unguNkulunkulu, wena wedwa, wemibuso yonke yomhlaba, wena wenzile izulu nomhlaba.


Lokhu kulula emehlweni kaJehova; uyakunikela abakwaMowabi esandleni senu.


Wena unguJehova, wena wedwa. Wenzile izulu, izulu lamazulu nalo lonke ibandla lawo, umhlaba nakho konke okukuwo, izilwandle nakho konke okukuzo, ulonda konke, nebandla lasezulwini likhuleka kuwe.


“Ngiyazi ukuthi ungenza konke; alinakuvinjwa icebo lakho.


Endulo wawusekela umhlaba, izulu lingumsebenzi wezandla zakho.


ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


ngokuba ngezinsuku eziyisithupha uJehova wenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, waphumula ngosuku lwesikhombisa; ngalokho uJehova walubusisa usuku lwesabatha, walungcwelisa.


Usho kanje uNkulunkulu uJehova owadala izulu, waleneka, nowawendlala umhlaba nokuvela kuwo, nowanika abantu abakuwo ukuphefumula nomoya kwabahamba kuwo, uthi:


Usho kanje uJehova uMhlengi wakho nowakubumba kwasesiswini, uthi: “NginguJehova owenza konke, oweneka izulu yedwa, nowendlala umhlaba ngokwakhe,


Yimi engiwenzile umhlaba, ngadala abantu phezu kwawo; mina ngezandla zami ngeneka izulu, nebandla lalo lonke ngiliyalezile.


Bheka, isandla sikaJehova asifinyeziwe ukuba singasindisi, nendlebe yakhe ayinzima ukuba ingezwa.


Kepha ngathi: “Awu, Nkosi Jehova! Bheka, angikwazi ukukhuluma, ngokuba ngingumntwana.”


Ngase ngithi: “E, Nkosi Jehova, bheka, abaprofethi bathi kubo: ‘Aniyikubona inkemba, nendlala ayiyikunehlela, kepha ngiyakuninika ukuthula okuqinisileyo kule ndawo.’ ”


“Ake usibuzele kuJehova, ngokuba uNebukadinesari inkosi yaseBabele usihlasele; mhlawumbe uJehova angenza kithi njengazo zonke izimangaliso zakhe ukuba akhuphuke, asuke kithi.”


Mina ngenzile umhlaba, nomuntu, nesilwane okukhona emhlabeni ngamandla ami amakhulu nangengalo yami eyeluliweyo, ngiwunika lowo ofanele emehlweni ami.


“Bheka, nginguJehova uNkulunkulu wenyama yonke, kukhona okungahlulayo na?


‘Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.’


Ngase ngithi: “Awu, Nkosi Jehova, ubakhohlisile nokubakhohlisa laba bantu neJerusalema ngokuthi: ‘Niyakuba nokuthula;’ nokho inkemba ifinyelele emphefumulweni.”


“Wawenza umhlaba ngamandla akhe, walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe, ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.


Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo, ngokuba nguye obumbile konke, yebo, nesizwe sefa lakhe; nguJehova Sebawoti igama lakhe.


Kwathi lapho ngiprofetha, uPhelathiya indodana kaBenaya wafa. Ngase ngiwa ngobuso, ngakhala ngezwi elikhulu, ngathi: “O Nkosi Jehova, uyakwenza ukuba iphele insali yakwa-Israyeli na?”


Kwathi esabulala, kwasala mina; ngawa ngobuso, ngakhala ngathi: “Maye, Nkosi Jehova! Uyakubulala yonke insali yakwa-Israyeli ekutheleni kwakho ukufutheka kwakho phezu kweJerusalema na?”


uyambula okujulileyo nokufihlakeleyo; uyazi okusebumnyameni, nokukhanya kuhlezi kuye.


Kwathi isisondele emphandwini kuDaniyeli, yamemeza ngezwi elikhalayo; inkosi yakhuluma, yathi kuDaniyeli: “Daniyeli, wena nceku kaNkulunkulu ophilayo, uNkulunkulu wakho omkhonza njalo angakukhulula kuzo izingonyama na?”


Isiprofetho. Izwi likaJehova ngo-Israyeli. UJehova oweneka amazulu, wabeka isisekelo somhlaba, wabumba umoya womuntu phakathi kwakhe, uthi:


Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Uma kuyisimangaliso emehlweni ensali yalaba bantu ngalezo zinsuku, kuyakuba yisimangaliso emehlweni ami na?” usho uJehova Sebawoti.


UJehova wathi kuMose: “Isandla sikaJehova sifinyele na? Usuyakubona uma izwi lami liyakwenzeka kuwe noma qha.”


Kepha uJesu ebabheka wathi kubo: “Kubantu akunakwenzeka; kepha kuNkulunkulu kungenzeka konke.”


UJesu ebabheka wathi: “Kubantu akunakwenzeka, kepha kuNkulunkulu akunjalo; ngokuba kuNkulunkulu kungenzeka konke.”


Ngokuba akukho lutho olungenzeke kuNkulunkulu.”


Kepha wathi: “Okungenzeki kubantu kungenzeka kuNkulunkulu.”


bethi: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu abanjengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphendukele kuNkulunkulu ophilayo owenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho,


“UNkulunkulu owenza umhlaba nakho konke okukuwo, yena oyiNkosi yezulu nomhlaba, akahlali emathempelini enziwe ngezandla;


“Ufanele wena Nkosi yethu noNkulunkulu wethu ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba nguwena owadala izinto zonke, nangenxa yentando yakho zaba khona, zadalwa.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ