Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 31:6 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngokuba kuyakuba khona usuku abayakumemeza ngalo abalindi entabeni yakwa-Efrayimi ukuthi: ‘Sukani, sikhuphukele eSiyoni kuJehova uNkulunkulu wethu.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

6 Ngokuba kuyakuba khona usuku abayakumemeza ngalo abalindi, entabeni yakwa-Efrayimi, bathi: ‘Sukani, asikhuphukele eZiyoni kuSimakade uNkulunkulu wethu.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngokuba kuyakuba khona usuku lapho abalindi ezintabeni zakwa-Efrayimi beyakuthi ngalo: Sukumani sikhuphukele eSiyoni kuJehova uNkulunkulu wethu.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 31:6
23 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Ngiyakumbuyisela u-Israyeli ekhaya lakhe, aklabe eKarmeli naseBashani, umphefumulo wakhe waneliswe ezintabeni zakwa-Efrayimi nezakwaGileyadi.


umprofethi engumlindi ka-Efrayimi kanye noNkulunkulu wami, ugibe lomthiyi wezinyoni lukuzo zonke izindlela zakhe, nobutha busendlini kaNkulunkulu wakhe.


Abantwana bakwaJuda nabantwana bakwa-Israyeli bayakubuthana ndawonye, bazimisele inhloko ibe nye, bakhuphuke ezweni, ngokuba luyakuba lukhulu usuku lukaJizreyeli.


“Ndodana yomuntu, khuluma kubantwana babantu bakho, uthi kubo: ‘Lapho ngehlisela phezu kwezwe inkemba, abantu bezwe bese bethatha umuntu phakathi kwabo, bambeke umlindi wabo,


“Ndodana yomuntu, ngikwenze umlindi kuyo indlu yakwa-Israyeli; ngalokho yizwa izwi emlonyeni wami, ungixwayisele bona.


Ngase ngibeka abalindi phezu kwenu, ngithi: ‘Qaphelani ukukhala kwecilongo,’ kepha bathi: ‘Asiyikukuqaphela.’


Ngimisile abalindi phezu kwezingange zakho, Jerusalema; abayikuthula nakanye imini nobusuku; nina eningabakhumbuzi ngoJehova maningaphumuli,


Khuphukela entabeni ende, wena, Siyoni, obika okujabulisayo, uphakamise ngamandla izwi lakho, wena Jerusalema obika okujabulisayo, uliphakamise ungesabi, usho emizini yakwaJuda ukuthi: “Bhekani, nangu uNkulunkulu wenu.”


U-Abiya wema entabeni yaseSemarayimi esezintabeni zakwa-Efrayimi, wathi: “Ngizweni wena Jerobowamu no-Israyeli wonke:


Kwase kusuka izinhloko zawoyise bakwaJuda noBenjamini, nabapristi, namaLevi, bonke abamoya wabo uNkulunkulu ayewuvusile ukuba bakhuphuke bakhe indlu kaJehova eseJerusalema.


Ubusisiwe umuntu omandla akhe akuwe, abazindlela zakho zisezinhliziyweni zabo.


“Buyani, bantwana abahlehlayo,” usho uJehova, “ngokuba ngingumyeni wenu, nginithabathe, abe munye emzini, babe babili emndenini, nginiyise eSiyoni,


Bayakufika, bahlabelele ngokujabula ekuphakameni kwaseSiyoni, bagobhozele kukho okuhle kukaJehova, yebo, emabeleni, nasewayinini, nasemafutheni, nakuwo amazinyane ezimvu nawezinkomo, umphefumulo wabo ube njengensimu eniselweyo, bangabe besaba nosizi futhi.


Kuyakuthi ngalolo suku libethwe icilongo elikhulu, kufike ababelahlekile ezweni lase-Asiriya nabaxoshiweyo ezweni laseGibithe, bakhuleke kuJehova entabeni engcwele eJerusalema.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ