Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 31:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 UJehova wabonakala kimi ekude, wathi: “Ngikuthandile ngothando oluphakade; ngalokho ngikudonsile ngomusa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 USimakade wabonakala kimi ekude, wathi: “Ngikuthande ngothando lwaphakade, ngakho-ke ngikudonsile ngomusa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 UJehova wabonakala kimi kwasendulo, wathi: “Yebo, ngikuthandile ngothando oluphakade; ngalokho ngikudonsile ngomusa.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 31:3
28 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Makabongwe uJehova uNkulunkulu wakho owenamele wena ukuba akubeke esihlalweni sobukhosi sakwa-Israyeli; ngokuba uJehova wamthanda u-Israyeli kuze kube phakade, ngalokho wakubeka inkosi ukuba wenze ukwahlulela nokulunga.”


Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana,


Khumbula, Jehova, ububele bakho nomusa wakho, ngokuba kukhona kwaphakade.


Ngidonse emva kwakho, sigijime; inkosi isingingenisile emakamelweni ayo. Siyakujabula, sithokoze ngawe, sikhulume ngothando lwakho kunewayini. Kufanele ukuba bakuthande.


Ngenxa yokuba ubuyigugu emehlweni ami, futhi ubudumile, uthandekile kimi, ngiyakunika abantu esikhundleni sakho, nezizwe esikhundleni sokuphila kwakho.


Kepha u-Israyeli uyakusindiswa nguJehova ngokusindiswa okuphakade; aniyikujabha, aniyikuba namahloni kuze kube phakade.


Kepha iSiyoni lithi: “UJehova ungishiyile, iNkosi ingikhohliwe.”


“Lapho u-Israyeli esengumntwana ngamthanda, ngayibiza indodana yami iphume eGibithe.


Ngabadonsa ngezintambo zomuntu, ngamagoda othando; ngaba kubo njengophakamisa ijoka entanyeni yabo, ngagobela kubo, ngabanika ukudla.


“Nginithandile,” usho uJehova. “Nokho nithi: ‘Usithande kanjani na?’ “U-Esawu akasiye umfowabo kaJakobe na?” usho uJehova. “Ngamthanda uJakobe,


labo abamisile ngaphambili ubabizile futhi; labo ababizile ubalungisisile futhi; labo abalungisisileyo ubaphile nenkazimulo futhi.


njengalokho kulotshiwe ukuthi: “UJakobe ngamthanda, kepha u-Esawu ngamzonda.”


Nokho uJehova wanamathela koyihlo, wabathanda, wakhetha inzalo yabo emva kwabo, yebo, nina ngaphezu kwabantu bonke, njenganamuhla.


“Akakho ofana noNkulunkulu, Jeshuruni, okhwela izulu ukuyokusiza, nomkhathi ngokuphakama kwakhe.


Yebo, uyazithanda izizwe, bonke abangcwele bakhe basesandleni sakho; bahlala ngasezinyaweni zakho, bamukele okwamazwi akho.


Lokhu ebethanda oyihlo wakhetha inzalo yabo emva kwabo, wakukhipha yena uqobo ngamandla akhe amakhulu eGibithe


owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele, kungengokwemisebenzi yethu kepha ngokwelakhe icebo nomusa, esawuphiwa kuKristu Jesu zingakabikho izikhathi,


Ngokuthanda kwakhe wasizala ngezwi leqiniso, ukuze sibe ngabokuqala bezidalwa zakhe.


Makabongwe uNkulunkulu uYise weNkosi yethu uJesu Kristu owabuye wasizala kabusha ngokwesihawu sakhe esikhulu ukuba sibe nethemba eliphilileyo ngokuvuka kukaJesu Kristu kwabafileyo,


Thina siyathanda, ngokuba yena wasithanda kuqala.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ