Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 30:8 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “ ‘Kuyakuthi ngalolo suku,’ usho uJehova Sebawoti, ‘ngilaphule ijoka entanyeni yabo, ngigqabule izibopho zabo, abafokazi bangabe besabakhonzisa,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

8 “ ‘Kuyakuthi ngalolo lusuku,’ kusho uSimakade Wamabandla, ‘ngephule ijoka entanyeni yabo, ngigqabule izibopho zabo, bangabe besabakhonza abafokazi,

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngokuba ngalolo suku, usho uJehova Sebawoti, ngiyakulaphula ijoka lakhe entanyeni yakho, ngigqabule izibopho zakho, abezizwe bangabe besamkhonza.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 30:8
16 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Wabakhipha ebumnyameni nasethunzini lokufa, wagqabula izibopho zabo.


Kuyakuthi ngalolo suku umthwalo walo ususwe emahlombe akho nejoka lalo entanyeni yakho. Liyakhuphuka eRimoni,


Ngokuba uJehova uyakumhawukela uJakobe, abuye amkhethe u-Israyeli, ababeke ezweni lakubo; nabafokazi bayakuzihlanganisa nabo, banamathele endlini kaJakobe.


ukuthi ngiyakumaphula owase-Asiriya ezweni lami, ngimnyathele phansi ezintabeni zami; bese lisuka kubo ijoka lakhe, nomthwalo wakhe usuke emahlombe abo.”


Kuyakuthi ngosuku uJehova akuphumuza ngalo ebuhlungwini bakho, nasekuhluphekeni kwakho, nasemsebenzini olukhuni obusetshenziswa ngawo,


Ngokuba ijoka lomthwalo wabo, nenduku yamahlombe abo, noswazi lomhluphi wabo uyakwaphula njengasosukwini lukaMidiyani.


“Ngokuba walaphula ijoka lakho endulo, wazigqabula izibopho zakho, wathi: ‘Angiyikukhonza.’ Ngokuba kuwo onke amagquma aphakemeyo naphansi kwayo yonke imithi eluhlaza walala njengesifebe.


Ngokuba bayakukhonziswa nabo yizizwe eziningi nangamakhosi amakhulu, ngiphindise kubo ngezenzo zabo nangemisebenzi yezandla zabo.”


Usho kanje uJehova kimi, uthi: “Zenzele izintambo namajoka, ukubeke entanyeni yakho,


Zonke izizwe ziyakumkhonza, yena nendodana yakhe, nendodana yendodana yakhe, kuze kufike isikhathi sezwe lakhe, izizwe eziningi namakhosi amakhulu babakhonzise.


Umprofethi uHananiya wayeselisusa ijoka entanyeni yomprofethi uJeremiya, walaphula.


“Hamba usho kuHananiya, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Uwaphulile amajoka omuthi, kepha uyakwenza amajoka ensimbi esikhundleni sawo.


ngibuyisele kule ndawo futhi uJekoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, nabo bonke abathunjwa bakwaJuda abaya eBabele,’ usho uJehova, ‘ngokuba ngiyakulaphula ijoka lenkosi yaseBabele.’ ”


EThehafenehesi usuku luyakuba mnyama, lapho ngaphula khona amajoka aseGibithe, nokukhukhumala kwamandla kuyakuphela kulo; lona-ke, ifu liyakulisibekela, namadodakazi alo ayakuya ekuthunjweni.


Umuthi osendle uyakuthela izithelo zawo, umhlabathi uthele ukudla kwawo, zihlale zilondekile ezweni lazo, zazi ukuthi nginguJehova, lapho sengaphulile izikeyi* zejoka lazo, ngazophula esandleni salabo ezenziwa izikhonzi yibo.


Sengiyakulaphula ijoka eliphezu kwakho, ngigqabule izibopho zakho.”


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ