Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 30:5 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 “Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Sizwile izwi lokuthuthumela, elokwesaba kungengelokuthula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

5 “Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Sizwile izwi lokwesaba, nelengebhe futhi akukho ukuthula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Sizwile izwi lokuthuthumela, elokwesaba, kungengelokuthula.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 30:5
22 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Bayakugwavuma phezu kwabo ngalolo suku njengokuduma kolwandle; uma umuntu ebuka umhlaba, bheka, naso isigayegaye sobumnyama, nokukhanya kwenziwe mnyama ngamafu awo.


Siyagwavuma sonke njengamabhere,* siyalilisela nokulilisela njengamajuba; silindela ukwahlulela, kepha akukho, nokusindiswa, kepha kukude nathi.


Abaphangi bafikele onke amaduli angenalutho, ngokuba inkemba kaJehova iyadla, kusukela komunye umkhawulo womhlaba kuze kufike komunye, nenyama enokuthula ayikho.


Yizwi lokukhala kwabelusi, nokuhhewula kwezikhulu zomhlambi, ngokuba uJehova uyachitha idlelo labo,


Nanka amazwi uJehova awakhulumayo ngo-Israyeli nangoJuda.


Ngikuboneleni na? Baphelile amandla, babuyele emuva. Amaqhawe abo anqotshiwe, ayabaleka nokubaleka engabheki emuva; luvalo nxazonke,” usho uJehova.


Usho kanje uJehova, uthi: “Bheka, kuvela abantu ezweni elisenyakatho; isizwe esikhulu siyakuvuswa ekugcineni komhlaba.


Ndodakazi yabantu bami, bhinca indwangu yamasaka, uhuquzele emlotheni, wenze isililo njengesendodana eyodwa, ukukhala okumunyu, ngokuba umphangi uyakusehlela masinyane.


Ukuthimula kwamahhashi akhe kuyezwakala kwaDani; ngezwi lokuyiyiza kwanamandla akhe izwe lonke liyathuthumela, ngokuba afikile, alidlile izwe nakho konke okukulo, umuzi nabakhe kuwo.”


Bheka, izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami livela ezweni elikude, lithi: “Akakho uJehova eSiyoni na? Ayikho inkosi yalo kulo na?” “Bangicunuleleni ngezithombe zabo ezibaziweyo nangokuyize kwabezizwe na?”


Ngokuba izwi lokukhala lizwakala livela eSiyoni, lithi: ‘Yeka ukuphangwa kwethu! Sijabhile kakhulu, ngokuba silishiyile izwe, ngokuba badilizile izindlu zethu.’ ”


Ngiyakuphendula imikhosi yenu ibe ngukukhala, nezihlabelelo zenu zonke zibe yizililo, ngibeke izindwangu zamasaka ezinkalweni zonke, nobumpandla kuwo onke amakhanda, ngikwenze kube njengokulilela indodana eyodwa, ukuphela kwakho kube njengosuku olumunyu.”


Yebo, sibhinqa amakhosi, nababusi balusulu kuso; sihleka zonke izinqaba, sinqwabela uthuli, sizithathe.


Ngokuba bhekani, ngiyavusa amaKaledi, isizwe esibabayo nesiphulukundlelayo, esidabula ebubanzini bomhlaba ukuyokudla izindawo zokuhlala ezingeyizo ezaso.


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ