Biblia Todo Logo
အွန်လိုင်း သမ္မာကျမ်းစာ

- ကြော်ငြာတွေ -




UJeremiya 30:3 - IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngokuba bheka, izinsuku ziyeza,’ usho uJehova, ‘lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami o-Israyeli noJuda,’ usho uJehova, ‘ngibabuyisele ezweni engalinika oyise ukuba balidle.’ ”

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

IsiZulu 2020

3 Ngokuba bheka, izinsuku ziyeza,’ kusho uSimakade, ‘lapho ngiyakuqeda ukuthunjwa kwabantu bami, u-Israyeli noJuda, bese ngibabuyisela ezweni engalinika okhokho babo ukuba balidle,’ ” kusho uSimakade.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli noJuda,” usho uJehova; ngiyakubabuyisela ezweni engalinika oyise, balidle.

အခန်းကိုကြည့်ပါ။ ကော်ပီ




UJeremiya 30:3
45 ပူးပေါင်းရင်းမြစ်များ  

Lapho isisondela inyanga yesikhombisa, abantwana bakwa-Israyeli besemizini, abantu babuthana eJerusalema njengomuntu munye.


Abaningi babapristi namaLevi, nezinhloko zawoyise, abadala ababeyibonile indlu yokuqala, bakhala ngezwi elikhulu ekubekweni kwesisekelo saleyo ndlu phambi kwamehlo abo; abaningi bakhamuluka ngentokozo,


Ngomnyaka wesibili wokufika kwabo endlini kaNkulunkulu eJerusalema ngenyanga yesibili uZerubabele, indodana kaSheyalitiyeli, noJeshuwa indodana kaJosadaki, nensali yabafowabo abapristi, namaLevi, nabo bonke abafike eJerusalema bevela ekuthunjweni baqala ukumisa amaLevi, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu ukuba babonise umsebenzi wendlu kaJehova.


Buyisa, Jehova, ukuthunjwa kwethu njengemifula yaseningizimu.


Sengathi kungavela ukusindiswa kuka-Israyeli eSiyoni. Kuyakuthi lapho uNkulunkulu eguqula ukuthunjwa kwabantu bakhe, uJakobe ethabe, u-Israyeli ajabule.


kepha: ‘Kuphila kukaJehova owabakhuphula abantwana bakwa-Israyeli ezweni lasenyakatho nasemazweni onke lapho ebebaxoshele khona;’ kepha ngiyakubabuyisela ezweni lakubo engalinika oyise.


“Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakumisela uDavide iHlumela elilungileyo; liyakubusa njengenkosi, libe nokuhlakanipha, lenze ukwahlulela nokulunga ezweni.


Kepha isizwe esiyakuyibeka intamo yaso phansi kwejoka lenkosi yaseBabele, siyikhonze, leso ngiyakusiphumuza ezweni laso, usho uJehova, sililime, sihlale kulo.” ’ ”


‘Ziyakuyiswa eBabele, zibe khona, kuze kufike usuku lokuzihambela kwami,’ usho uJehova. ‘Bese ngizikhuphula, ngizibuyisele kule ndawo.’ ”


Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Lapho iminyaka engamashumi ayisikhombisa isiphelile eBabele, ngiyakunihambela, ngiqinise phezu kwenu izwi lami elihle ngokunibuyisela kule ndawo.


Ngiyakufunyanwa yinina,” usho uJehova, “ngibuyise ukuthunjwa kwenu, nginibuthe ezizweni zonke nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona,” usho uJehova, “nginibuyisele endaweni enganenza ukuba nithunjwe kuyo.”


Ngalezo zinsuku indlu yakwaJuda iyakuya endlini yakwa-Israyeli, ziphume kanyekanye ezweni lasenyakatho, ziye ezweni engalinika oyihlo libe yifa labo.


“ ‘Ungesabi wena Jakobe, nceku yami,’ usho uJehova, ‘ungapheli amandla, Israyeli, ngokuba bheka, ngiyakukusindisa usekude, nenzalo yakho ezweni lokuthunjwa kwayo; uJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke, angesatshiswa muntu.


“Usho kanje uJehova, uthi: “ ‘Bheka, ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwamatende kaJakobe, ngiwahawukele amakhaya akhe; umuzi uyakwakhiwa enxiweni lawo, indlu yamakhosi ihlale njengokufaneleyo.


Nanka amazwi uJehova awakhulumayo ngo-Israyeli nangoJuda.


Usho kanje uJehova, uthi: “Bamba izwi lakho, ungakhali, amehlo akho angabi nazinyembezi, ngokuba umsebenzi wakho uyakuba nomvuzo,” usho uJehova, “babuye ezweni lesitha.


Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bayakubuye basho leli zwi ezweni lakwaJuda nasemizini yalo, lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwabo, lokuthi: ‘UJehova makakubuyise wena khaya lokulunga, ntaba yobungcwele.’


“Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakuhlwanyela indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda ngembewu yabantu nangembewu yezinkomo.


“Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli nendlu kaJuda,


“Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho uJehova eyakwakhelwa umuzi, kusukela embhoshongweni kaHananeli kuze kube seSangweni Lasegumbini.


Bheka, ngiyakubabutha emazweni onke lapho ngibaxoshele khona ngentukuthelo yami, nangokufutheka kwami, nangolaka olukhulu, ngibabuyisele kule ndawo, ngibenze ukuba bahlale belondekile,


Amasimu ayakuthengwa ngemali, kulotshwe encwadini, kunamatheliswe, kufakazelwe ngofakazi ezweni lakwaBenjamini, nasemaphethelweni aseJerusalema, nasemizini yakwaJuda, nasemizini yasezintabeni, nasemizini yasehlanzeni, nasemizini yaseningizimu, ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwabo, usho uJehova.”


ngiyakulahla inzalo kaJakobe nekaDavide inceku yami, ukuze ngingathathi enzalweni yakhe ababusi benzalo ka-Abrahama, neka-Isaka, nekaJakobe, ngokuba ngiyakukubuyisa ukuthunjwa kwabo, ngibahawukele.’ ”


UJeremiya waloba encwadini konke okubi obekuyakwehlela iBabele, onke lawa mazwi alotshiwe ngeBabele.


Niyakwazi ukuthi nginguJehova, lapho nginingenisa ezweni lakwa-Israyeli, izwe engaliphakamisela isandla sami ukuba ngilinike oyihlo.


Ngiyakuzikhipha kubantu, ngiziqoqe emazweni, ngiziyise ezweni lazo, ngizaluse ezintabeni zakwa-Israyeli, ngasemifuleni, nasezindaweni zonke ezakhiweyo zezwe.


“ ‘Ngiyakunithabatha ezizweni, nginibuthe emazweni onke, nginiyise ezweni lakini.


Niyakulidla, kube yilowo nalowo, ngokuba ngasiphakamisa isandla sami ukulinika oyihlo; leli zwe liyakuba yifa lenu.


“Ngokuba ngalezo zinsuku nangaleso sikhathi, lapho ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaJuda neJerusalema,


Ugu luyakuba ngolwensali yendlu yakwaJuda, yaluse kulo; ezindlini zase-Ashikeloni bayakubuthisa kusihlwa, ngokuba uJehova uNkulunkulu wabo uyakubahambela, abuyise ukuthunjwa kwabo.


Ngaleso sikhathi ngiyakuningenisa, ngaleso sikhathi ngiyakunibutha, ngokuba ngiyakunenza igama nendumiso phakathi kwabantu bonke bomhlaba, lapho ngibuyisa ukuthunjwa kwenu phambi kwamehlo enu,” usho uJehova.


Wayesethi kubafundi bakhe: “Kuzakufika izinsuku, lapho niyakufisa ukubona lube lunye lwezinsuku zeNdodana yomuntu, kepha aniyikulubona.


Ngokuba uyakufikelwa yizinsuku, lapho izitha ziyakukukaka ngodonga lwempi, zikuhaqe, zikuvimbezele nxazonke,


“Kuyakufika izinsuku, lapho kungayikushiywa kulokhu enikubonayo itshe phezu kwetshe elingayikudilizelwa phansi.”


khona uJehova uNkulunkulu wakho uyakubuyisa ukuthunjwa kwakho, akuhawukele, abuye akubuthe ezizweni zonke, lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekuhlakazele khona.


uJehova uNkulunkulu wakho akungenise ezweni oyihlo abalidlayo, ulidle; uyakukwenzela okuhle, akwandise ngaphezu kwawoyihlo.


Ngokuba lapho ebasolayo, uthi kubo: “Bhekani, izinsuku ziyeza, isho iNkosi, lapho ngiyakwenza isivumelwano esisha nendlu ka-Israyeli, nendlu kaJuda,


ကြှနျုပျတို့နောကျလိုကျပါ:

ကြော်ငြာတွေ


ကြော်ငြာတွေ